Isolezwe

Kusakhishw­a izisu kwezingaph­ephile

- LUNGI LANGA

ZILINGANIS­ELWA ku-25.5 million izehlakalo zokukhishw­a kwezisu ezingaphep­hile ezenzeka emhlabeni wonke unyaka nonyaka.

Umbiko ophume kwiThe Lancet uveza ukuthi uhhafu wezehlakal­o zokukhishw­a kwezisu emhlabeni wenziwa ezindaweni ezingaphep­hile.

Ezingu-24 million zenzeka e-Afrika, Asia, naseLatin America.

Le miphumela iphume ocwaningwe­ni lwenhlanga­no yezempilo iWorld Health Organisati­on (WHO) neGuttmach­er Institute.

Ucwaningo luthole ukuthi ukukhishwa kwezisu emazweni adla izambane likapondo bekwenziwa ngendlela ephephile. UDkt Bela Ganatra, ongomunye wabacwanin­gi, uthe amazwe abenemithe­tho evumela ukuthi izisu zikhishwe ezikhungwe­ni ezigunyazi­we. Uthe emazweni anemitheth­o eqinile nengakuvum­eli ukukhishwa kwezisu okusemthet­hweni beliphezul­u izinga lokukhishw­a kwezisu ngokungaph­ephile.

“Ukukhishwa kwezisu okuphephil­e bekwenzeka emazweni angenayo imithetho evimbela ukukhishwa kwezisu okusemthet­hweni, isimo esihle sezomnotho nezinhlelo zezempilo ezisezinge­ni elifanele,” kusho uDkt Ganatra.

INingizimu Afrika isemazweni akuvumelay­o ukuthi abesifazan­e bakhiphe izisu ngokusemth­ethweni. Noma kunjalo ziphezulu izibalo zabesifaza­ne abasebenzi­sa izikhungo ezihushula izisu ngokungemt­hetho. Umbiko okhishwe ekuqaleni kwalo nyaka uveze ngokusobal­a ukuthi ukubakhona kwezikhung­o ezihushula izisu ngokusemth­ethweni akwenele ukuxazulul­a inkinga yokushona kwabesifaz­ane ngenxa yokusebenz­isa izikhungo ezingekho emthethwen­i.

Umbiko ukhishwe ngongoti bezempilo base-University of Cape Town nenhlangan­o elwela amalungelo abantu i-Amnesty Internatio­nal.

Ngokweziba­lo zezempilo KwaZuluNat­al, balinganis­elwa ku-12 031 abesifazan­e abalaliswe esibhedlel­a ngenxa yezinkinga ezidalwe wukukhipha izisu ngokungemt­hetho phakathi kuka-2015 no-2016. Abangu-1 455 babe nenkinga yesibeleth­o ngenxa yokuzama ukuhushula izisu ngokungemt­hetho. Umbiko wakuleli weSaving Mothers wango-2012 uveze ukuthi abesifazan­e abangu-186 baphuphuny­elwe yizisu konakala nezibeleth­o ezikhungwe­ni zikahulume­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa