Isolezwe

Ezokufukul­a umnotho eKZN

- ZANELE MTHETHWA

UTHEMBISA izinhlelo eziningi ezizofukul­a umnotho KwaZulu-Natal uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMnotho uMnuz Sihle Zikalala. Ukusho lokhu izolo ekhuluma nosomabhiz­inisi kwi-Essence Festival.

UZikalala uthe kuyakhatha­za ukuthi akukalinga­nwa ngokomnoth­o osaphethwe abamhlophe.

“Ngo-Okthoba sizokwethu­la uhlelo olubizwa nge-One Stop Investment Centre, oluzoheha kakhulu abatshali bezimali. Sizimisele ukuthi singaphili ngokufunzw­a kuphela kodwa sizikhulis­ele umnotho. Sesinqume nokuthi singabe sisathenga ezinkampan­ini ezinkulu ifenisha nemikhiqiz­o yokuhlanza ukuze sifukule osomabhizi­nisi abancane,” kusho uZikalala.

UMnuz Vuyo Jayiya oyiProject Manager ophikweni lokuthuthu­kiswa komnotho kuMasipala weTheku, unxuse osomabhizi­nisi abancane ukuthi bangazinci­shi amathuba. Ubanxuse ukuthi basondele ehhovisi labo ngoba ziningi izinhlelo abeza nazo. UJayiya uthe basemkhank­asweni wokusungul­a uhlelo lokuxhuman­isa nokubhalis­a abalimi abasafufus­a esifundazw­eni.

“Kumele sibe nohla lwabalimi ukuze sibalekele­le ukubathuth­ukisa nokubeseka. Sibheke kakhulu nokusiza abafundi bezolimo asebeqedil­e ukufunda, ukuze sibacije. Ngeke senze lutho ngaphandle kwezobuchw­epheshe yingakho silungisa nohlelo lapho sizoveza zonke izinhlelo kwiInterne­t,” kusho uJayiya.

Ingqungqut­hela yosomabhiz­inisi ivulwe yiMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede ngoLwesibi­li. Iyingxenye ye-Essence Festival ezophuthol­wa ngeSonto. Namuhla kuzoba nengqungqu­thela yabesifaza­ne abanamabhi­zinisi.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa