Inkinga yokuntula umhlaba e-Afrika
IYINKINGA kuwo wonke amazwe ase-Afrika indaba yokuntuleka komhlaba kubalimi, okwenza kube nzima ukubathuthukisa ngokwamabhizinisi.
Lokhu kuvele izolo engqungqutheleni yosomabhizinisi ebiyingxenye ye-Essence Festival eNkosi Albert Luthuli ICC eThekwini. Esithangamini sokucobelelana ngolwazi kubalimi, kuvele ukuthi isagqoza impumelelo ngenxa yezinselelo ababhekana nazo. UMnuz Sifiso Myeni oyisikhulu esiphezule se-Agriculture House, uthe umkhakha wabalimi awukaguquki, okwenza kube wumqansa ukuphumelela kwabamnyama.
“Nami ngiwumlimi omnyama, ngiyazi kunzima kanjani kuleli bhizinisi. Uma kudingeka ufake izitshalo zakho emakethe, kusamele udlule kwabamhlophe. Kubuhlungu ukuthi abalimi yibona abondla isizwe kodwa basemkhakheni onganakiwe. Ikhona impela iminyango exhasa ngemali kodwa akusizi uma ungenawo umhlaba. Kudingeka uveze itayitela lomhlaba uma udinga uxhaso ebhizinisini lokulima,” kuchaza uMyeni.
UNgqongqoshe wezoHwebo neziMboni eCameroon uMnuz Joseph Motomby, uthe nasezweni lakhe kunzima kubalimi. Ucobelele abakuleli ngezinhlelo ezibasizile ukuguqula le mboni.
“Umkhakha wezolimo siwuthatha njengobaluleke kakhulu eCameroon futhi sidla ngawo. Kusukela eminyakeni emine edlule uhulumeni wenze izinhlelo zokuthuthukisa abalimi abancane ukuze kukhule umnotho wezolimo. Bekunenkinga yogandaganda, uhulumeni wenza uhlelo lokuxhasa abalimi,” kusho uMotomby.
Uthe abesifazane akumele bashiywe ngaphandle kwezolimo ngoba kwasemandulo yibo ababemise amakhaya ngezitshalo.
UNksz Jane Ngige oyisikhulu esiphezulu seKenya Flower Council, uthe basungula lo mkhandlu ngo-1996 ukuqeda izinselelo kubalimi. Uthe obekuyinkinga kakhulu ukungakwazi ukufinyelela kubathengi. Uveze ukuthi beqala lo mkhandlu babedayisa amathani angu-20 000 ezimbali kodwa manje sebedayisa angu-130 000 emazweni ahlukene.
“Akusizi ukuba ngabalimi uma zingenziwa izindlela zokufinyelala ezimakethe. IKenya isiyizwe lesithathu elidayisa izimbali kwamanye amazwe ase-Afrika. Siphakela amadolobha angaphezu kuka-60 emhlabeni wonke,” kusho uNksz Ngige. Osomabhizinisi abancane baphakamise engqungqutheleni ukuthi kumele kushintshwe nendlela okufundwa ngayo ezolimo ezikoleni.