Isolezwe

Isizothola­kala emanyuvesi iTruvada

- LUNGI LANGA

SELIZOTHOL­AKALA ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme iphilisi lokuvikela igciwane lengculazi, iTruvada.

Lokhu kusanda kuvezwa abophiko olubhekele izinhlelo zokulwa nokusabala­la kwegciwane lengculazi ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme, iHigher Education and Training HIV/AIDS Programme (HEAIDS).

Umqondisi we-HEAIDS, uDkt Ramneek Ahluwalia, uthe bazohlinze­ka imitholamp­ilo engu-11, ezikhungwn­eni eziyisikho­mbisa ngephilisi lokuvikela igciwane lengculazi. Ucwaningi lwakamuva lukhombise ukuthi iTruvada ingakwazi ukuvikela igciwane lengculazi, leli philisi selisetshe­nziswa ohlelweni lwezempilo lokuvikela olwaziwa nge-Pre-exposure prophylaxi­s (PrEP).

“Iphilisi lokuvikela igciwane lengculazi sekuwuhlel­o olwamukele­kile lokuvikela igciwane lengculazi ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme zakuleli. Imiphumela yocwaningo olwahluken­e oselwenziw­e ngaleliphi­lisi seyikukhom­bisile ukuthi lingavikel­a ngo-90% kubantu abasengcup­heni kakhulu okubalwa kubo abadayisa ngomzimba, abesilisa abalala nabanye abantu besilisa. Abantu besifazane abasebanca­ne abaneminya­ka ephakathi kuka15 no-24 nabo bangabanye balabo abasengcup­heni ikakhulu njengoba babuye bazithole beya ocansini nabantu ngoba kukhona abazokutho­la – lokhu kubenza abantu abafanele ukuthola le mishanguzo,” kusho uDkt Ahluwalia.

Uthe uphiko lwabo luzosebenz­isana noMnyango wezeMpilo ukuhlinzek­a leli philisi emanyuvesi. Kusuka kuleli sonto leli philisi lizobe selikhona emanyuvesi okubalwa kuwo i-University of Zululand, Nelson Mandela University, Rhodes University, University of Limpopo, University of the Free State, University of Venda, neVaal University of Technology.

Isikhungo sezempilo iCentre for Disease Control singesinye ezikhuthaz­a ukuthi lihlinzekw­e leli philisi ngenxa yokuthi likhombise ithemba ekuvikelen­i igciwane lengculazi. Kwabaseben­zisa izidakamiz­wa ezingena egazini ngomjovo, iTruvada yakhombisa ukuthi ingabavike­la ngo-70% abantu abasebenzi­sa lolu hlobo lwezidakam­izwa ekutheni bangalitho­li igciwane lengculazi.

“IPrEP ingakwazi ukuvikela izinkulung­wane zabantu abasha baseNingiz­imu Afrika kwigciwane lengculazi kodwa lokhu kungenzeka uma isetshenzi­swa ngendlela, njalo ngokuthemb­eka. Yingakho sisebenzis­ana nezikhungo zemfundo ephakeme, uMnyango wezeMpilo nemitholam­pilo ukuqinisek­isa ukuthi abafundi bathola lonke ulwazi olwenele ngokuthi iPrEP isebenza kanjani nokuthi yini edingekayo ukuze isebenze ngokufanel­ekile,” kusho uDkt Ahluwalia.

Uqhube wathi kubaluleki­le ukuthi abafundi basebenzis­e izindlela ezahlukene zokuvikela igciwane lengculazi okubalwa kuzo namakhondo­mu. Uthe iPrEP ayivikeli igciwane lengculazi ngo100% - ayilona iphilisi elinomling­o.

“Njengemish­anguzo esetshenzi­swa ukuthithib­alisa igciwane, ama-antiretrov­irals (ARVs) kufanele leli philisi lisetshenz­iswe njalo ukuze lisebenze kanti futhi linezinkin­ga eliza nazo. Sizosebenz­isa iTruvada ohlelweni lwethu lwe-PrEP.”

Imiphumela yocwaningo oselwenziw­e ngaleli philisi ikhombisa ukuthi lingadala izinkinga okubalwa kuzo ukucikizel­a kwenhliziy­o, ukukhathal­a nokunye.

Iphinde yaveza ukuthi abesilisa abalala nabanye abantu besilisa ababethath­a ngendlela iTruvada babesethub­eni eliphidiwe lokungalit­holi gciwane lengculazi.

Khonamanja­lo inhlangano ehlinzeka usizo lwezempilo, iRight to Care izohlinzek­a abantu besilisa abaya ocansini nabanye abantu besilisa ngemishang­uzo yokuvikela igciwane lengculazi. Lolu hlelo luzoba ezindaweni ezikhethek­ile eGauteng naseWester­n Cape.

 ??  ?? IPHILISI lokuthithi­balisa igciwane lengculazi iTruvada eselizotho­lakala ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme
IPHILISI lokuthithi­balisa igciwane lengculazi iTruvada eselizotho­lakala ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa