Uthole iziqu onesifo esithuntubeza ubuchopho
USENESIFISO sokuthola umsebenzi wokuba umcwaningi owesilisa othole iziqu zakhe ze-Masters emkhakheni we-Social Science e-UKZN, ekubeni ephila nesifo esingajwayelekile nokudala ubunzima bokusebenza kwamalungu nemisipha emzimbeni womuntu (Cerebral Palsy).
UMnuz Lungani Mthethwa (30) waseMtubatuba kwaShikishela, uthe ubonga uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal owamhlinzeka ngomfundaze wokufeza iphupho lakhe. UMthethwa ube ngomunye wabathweswe iziqu zabo kule nyanga.
Uthe akanalo uvalo lokuthi uma engathola umsebenzi angashaya into ecokeme ngoba nasenyuvesi uthole imiphumela emihle kakhulu.
“Ngifuna ukuthola umsebenzi ngoba ngiyazifela ngokucwaninga kabanzi ngezinto ezintsha. Umndeni wami ujabule uyafa, uyaziqhenya ngami, ukukhubazeka kwami angivumanga kungivimbe ekufezeni iphupho lami,’’ kusho uMthethwa.
Uthe lesi sifo sinzima ngoba senza kube nzima ukuhamba, ukubamba izinto ngezandla nokukhuluma.
Uthi uke wahlala iminyaka engu-11 esikoleni, wagcina efike ebangeni lesine kuphela (Grade 6) waze wayekiswa kwathiwa akazame umkhakha womsebenzi wezandla.
“Ngaze ngayofunda kwenye indawo lapho engafika ngaphumelela khona.
“Ngiyawubonga umndeni wami ongesekayo kukho konke engikwenzayo, sengifuna ukusebenza manje, ngikhombise abanye abantu abakhubazekile ukuthi izinto ziyenzeka ngoNkulunkulu nokuzimisela,” kusho uMthethwa.
UDkt Bongani Nxumalo uchaza lesi sifo, ngokuthi siwuhlobo lwesifo esingaphazamisa ngisho ukusebenza konaso.
Uthe singadalwa izinkinga eziba komama ngesikhathi beteta.
“Ngike ngatetisa omama ababili izingane zabo ezaphuma sezikhathele kakhulu nokwagcina kudala ukukhubazeka komqondo okugcina kuthikameza nokusebenza kwezicubu zomzimba,” kusho uNxumalo.
Uthe lesi sifo njengoba sithuntubeza ubuchopho, kusuke sekonakele ngoba yibona obulawula ukunyakaza komuntu konke.
UMthethwa uthe nakuba umndeni wakhe umnakekela kodwa akathandi ukuhlala esonge izandla elinde ukwenzelwa.
“Ngiyaziwashela, ngiyapheka, ngenza nezinto eziningi nje. Abantu abakhubazekile kufanele bayeke ukuzibukela phansi, ngoba amathuba akhona avuliwe kubantu abazimisele ngempilo,’’ kusho uMthethwa.
Uthe okwamanje akakabi naye unkosikazi nengane, uhlala nomalumekazi wakhe omnakekelayo.