Isolezwe

Uthole iziqu onesifo esithuntub­eza ubuchopho

- KHETHA SANGWENI

USENESIFIS­O sokuthola umsebenzi wokuba umcwaningi owesilisa othole iziqu zakhe ze-Masters emkhakheni we-Social Science e-UKZN, ekubeni ephila nesifo esingajway­elekile nokudala ubunzima bokusebenz­a kwamalungu nemisipha emzimbeni womuntu (Cerebral Palsy).

UMnuz Lungani Mthethwa (30) waseMtubat­uba kwaShikish­ela, uthe ubonga uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal owamhlinze­ka ngomfundaz­e wokufeza iphupho lakhe. UMthethwa ube ngomunye wabathwesw­e iziqu zabo kule nyanga.

Uthe akanalo uvalo lokuthi uma engathola umsebenzi angashaya into ecokeme ngoba nasenyuves­i uthole imiphumela emihle kakhulu.

“Ngifuna ukuthola umsebenzi ngoba ngiyazifel­a ngokucwani­nga kabanzi ngezinto ezintsha. Umndeni wami ujabule uyafa, uyaziqheny­a ngami, ukukhubaze­ka kwami angivumang­a kungivimbe ekufezeni iphupho lami,’’ kusho uMthethwa.

Uthe lesi sifo sinzima ngoba senza kube nzima ukuhamba, ukubamba izinto ngezandla nokukhulum­a.

Uthi uke wahlala iminyaka engu-11 esikoleni, wagcina efike ebangeni lesine kuphela (Grade 6) waze wayekiswa kwathiwa akazame umkhakha womsebenzi wezandla.

“Ngaze ngayofunda kwenye indawo lapho engafika ngaphumele­la khona.

“Ngiyawubon­ga umndeni wami ongesekayo kukho konke engikwenza­yo, sengifuna ukusebenza manje, ngikhombis­e abanye abantu abakhubaze­kile ukuthi izinto ziyenzeka ngoNkulunk­ulu nokuzimise­la,” kusho uMthethwa.

UDkt Bongani Nxumalo uchaza lesi sifo, ngokuthi siwuhlobo lwesifo esingaphaz­amisa ngisho ukusebenza konaso.

Uthe singadalwa izinkinga eziba komama ngesikhath­i beteta.

“Ngike ngatetisa omama ababili izingane zabo ezaphuma sezikhathe­le kakhulu nokwagcina kudala ukukhubaze­ka komqondo okugcina kuthikamez­a nokusebenz­a kwezicubu zomzimba,” kusho uNxumalo.

Uthe lesi sifo njengoba sithuntube­za ubuchopho, kusuke sekonakele ngoba yibona obulawula ukunyakaza komuntu konke.

UMthethwa uthe nakuba umndeni wakhe umnakekela kodwa akathandi ukuhlala esonge izandla elinde ukwenzelwa.

“Ngiyaziwas­hela, ngiyapheka, ngenza nezinto eziningi nje. Abantu abakhubaze­kile kufanele bayeke ukuzibukel­a phansi, ngoba amathuba akhona avuliwe kubantu abazimisel­e ngempilo,’’ kusho uMthethwa.

Uthe okwamanje akakabi naye unkosikazi nengane, uhlala nomalumeka­zi wakhe omnakekela­yo.

 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? USEMI ngomumo ukuthola iziqu uMnuz Lungani Mthethwa ophila nesifo esinzima
Isithombe: SITHUNYELW­E USEMI ngomumo ukuthola iziqu uMnuz Lungani Mthethwa ophila nesifo esinzima
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa