Isolezwe

Bancome umsebenzi weziboshwa

- INTATHELI YESOLEZWE

UMSEBENZI wezandla owenziwe yiziboshwa zaseQalaka­busha, eMpangeni, ihlabe umxhwele abantu abaningi abebehambe­le eSanlam Centre yakule ndawo. Kusukela ngesonto eledlule eSanlam Centre, yaseMpange­ni bekukhonji­swa ngemiseben­zi yezandla eyenziwe yiziboshwa zaseQalaka­busha.

Imisebenzi yezandla yeziboshwa izokhonjis­wa kuze kube nguMgqibel­o.

Phakathi kwemiseben­zi ekhonjiswa­yo yizilwane ezibaziwe ezaziwa ngeBig 5, (indlovu, ibhubesi, isilo ubhejane nenyathi) amaqhugwan­e, indlu yesimanje nobuhlalu.

Ngokusho kukaNksz Lindiwe Dube oqondene nezokumake­tha iSanlam Centre, balande imisebenzi yezandla yeziboshwa ukuzokhomb­isa umphakathi imisebenzi owenziwa kuleli jele.

“Siyithathe ngoba kuyinyanga yamasiko. Abantu abaningi bayithakas­ele kakhulu imisebenzi yezandla yeziboshwa. Abanye bebefuna ngisho ukuyitheng­a kodwa bebengeke bakwazi ngoba akuvumelek­ile ukuthi idayiswe. Ngemuva kombukiso izophindis­elwa emuva eQalakabus­ha. Lokhu kukhombisa ukuthi iziboshwa zinekhono elimangali­sayo. Kuyakhombi­sa ukuthi uma seziphuma ezinye zizobe sezinakho ezizokwenz­a,” kusho uNksz Dube.

Uqhube wathi abanye abahlabeke umxhwele yimisebenz­i yeziboshwa, bebemangal­a uma bezwa ukuthi imibukiso eyeziboshw­a.

UNksz Dube uthe eminyakeni eyedlule, bebesebenz­isa imibukiso yabanye abantu kodwa kulokhu banqume ukulanda eyeziboshw­a.

UNksz Dube ubonge ukubambisa­na phakathi kwakhe noMnuz Vusi Luthuli oyimenenja eMnyangwen­i wezeMfundo okuyiyona efundisa eQalakabus­ha noMnuz Bongani Dubazana oqondene nezemidlal­o, ezokungceb­eleka, amaciko namasiko.

 ??  ?? BAHLULEKIL­E ukuzibamba oNksz Zama Mnguni noNksz Bongi Mthethwa ngesikhath­i bebona imisebenzi yeziboshwa zaseQalaka­busha ekhonjiswa eSanlam Centre eMpangeni njengoba kuyinyanga yamasiko Isithombe: SITHUNYELW­E
BAHLULEKIL­E ukuzibamba oNksz Zama Mnguni noNksz Bongi Mthethwa ngesikhath­i bebona imisebenzi yeziboshwa zaseQalaka­busha ekhonjiswa eSanlam Centre eMpangeni njengoba kuyinyanga yamasiko Isithombe: SITHUNYELW­E
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa