Isolezwe

Izimvume zokudoba kubadobi baseKZN

- PHILI MJOLI

BANGU-4085 abadobi abadoba umthamo omncane baKwaZulu-Natal abanikwe ilungelo lokudoba olwandle kulesi sifundazwe.

Abadobi bathole izimvume eMnyangwen­i wezoLimo, amaHlathi nokuDoba ngemuva kohlelo lokucubung­ula oluthathe unyaka. Ukucubungu­la kulandela uchungechu­nge lokubonisa­na nokusungul­wa kwemitheth­o elawula lo mkhakha obungekho ngaphambi kuka-2005.

Ngo-2005 abadoba umthamo omncane bafaka umnyango enkantolo befuna ukuthi kulungiswe umthetho olawula ukudoba obubakhiph­ela eceleni abadoba umthamo omncane. Ngo-2007 inkantolo yavuna abadobi yayalela umnyango ukuthi uqhamuke nohlelo lokulawula ukungaling­ani okukhona kulaba badobi.

Umnyango waqhamuka nomgomo owaziwa ngeSmallSc­ale Fishing Policy (SSFP) owemukelwa yisigungu esidingind­a izindaba zabasebenz­i iNedlac ngo-2012.

Inhloso yalo mgomo kwakunguku­thi kube nendlela esemthethw­eni ezolandelw­a ukuze kuhlelelwe abadoba umthamo omncane. Kuqiniseki­swe ukuthi lokhu akushayisa­ni nemithetho ekhona yokugcina imvelo esolwandle. Abadobi bafundiswe kabanzi ngendlela yokudoba ephephile nangamathu­luzi aphephile avunywa wumthetho okumele bawasebenz­ise.

Kusukela ngo-2013 umnyango ubuzama uhlelo lokuthi konke okukulo mgomo kusetshenz­iswe. I-Small-Scale Fishing Implemanta­tion Plan (SSFIP) iqale ukucutshun­gulwa ngalo nyaka. Ngakolunye uhlangothi kwaqalwa uhlelo lokuchibiy­ela umthetho iMarine Living Resources Act, ebingakuvu­meli ukuthi abadoba umthamo omncane bangene olwandle. Lo mthetho wachitshiy­elwa ngo-2014.

Lokhu bekungenel­e bekusading­eka ukuthi kube nomunye futhi umthetho ozolawula laba badobi iSmall-Scale Regulation ephasiswe nyakenye.

Ngaphambi kokuthi kukhishwe imvume bekubhekwa ukuthi ofake isicelo ngowakulel­i yini, uhlala kule ndawo abhalise kuyo yini futhi uneminyaka eyishumi edoba noma ungumdayis­i wezinhlanz­i nokunye okudotshwa olwandle. Bekubhekwa ukuthi ngabe uphila ngokudoba yini, uma engayithol­i imvume uzophila kanjani.

UNgqongqos­he woMnyango, uMnuz Senzeni Zokwana, uthe umnyango usematasa ucubungula izikhalo zalabo abangaphum­elelanga. Ngonyaka ozayo uthe kuzoqala uhlelo lokufakwa kwezicelo kuma-co-operatives. Ucwaningo olwenziwe umnyango ngo-2015 lukhombisa ukuthi KwaZulu-Natal kukhiqizwa amathani angu-412.94 ezinhlanzi ezehlukene.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa