Isolezwe

Bangu-8m abamnyama abangasebe­nzi

- MHLENGI SHANGASE

NJENGOBA bebalelwa ku-9.3 million abantu abangasebe­nzi kuleli, kulesi sibalo bangu-8 million abamnyama abangasebe­nzi.

Lokhu kuvezwe nguDkt Pali Lehohla, iStatistic­ian General, izolo evula ingqungqut­hela ebheka iMfundo ePhakeme eThekwini ehlelwe yinyuvesi yaKwaZulu-Natal.

ULehohla uthe sikhula minyaka yonke isibalo sabantu abangasebe­nzi iningi labo okuyintsha.

“Kulesi sibalo sabantu abamnyama abangasebe­nzi, intsha ingu-5 million, iphakathi kweminyaka engu-15 no-34. Baningi abantu abaneziqu abangasebe­nzi yingakho uthola ukuthi abanye abasayi koqhuba izifundo zabo emanyuvesi,” kusho uLehohla.

Uthe iningi labamnyama ligcina kwa-matric aliqhubeke­li phambili.

“Indaba yokuthi ayikho imali yokuqhuba abafundi ngenye yezinto ezenza bagcine kwa-matric. Uma ubheka ezinye izinhlanga abafundi bazo bafinyelel­a emanyuvesi. Kuyadingek­a ukuthi abamnyama bagqugquze­le izingane ukuthi ziye emanyuvesi,” kusho uLehohla.

Uthe umkhankaso wabafundi wokuchitha ukunyuswa kwemali yokufunda, i-#FeesMustFa­ll wawufana nowango-1976 wabafundi wokuchitha umbuso wobandlulu­lo.

“Kwakumele uqiniswe lo mkhankaso ngoba baningi abamnyama abangafund­i ngoba bengenayo imali. Lo mkhankaso wabhuntsha ngoba awuzange wesekwe ngoba ezinye izinhlanga ziyakwazi ukuyisa izingane emanyuvesi,” kusho uLehohla.

Uthe ocwaningwe­ni abalwenza komasipala abantu babeke phambili inkinga yamanzi, ukungasebe­nzi nendaba yokuhanjis­wa kwendle.

“Indaba yezemfundo ile emsileni, akuyona into abantu abayibeke phambili. Lolu cwaningo lwenziwa kubona bonke omasipala bakuleli. Iningi imali efakwa kwezemfund­o kodwa abantu akuyona into abayibeke eqhulwini. Ezweni elifana nelethu kumele ngabe imfundo ibekwa eqhulwini kuba iyona engunombol­o 1 ukuze kuliwe nobuphofu,” kusho uLehohla.

Uthe kugxilwe kakhulu emazingeni aphansi emanyuvesi ayinakiwe indaba yakhona.

“Kukhona abajabulel­a ukuthi bano-matric kuphela, abazimisel­e ngokudlule­la phambili. Abanye kuze kuthiwe uma beqeda u-matric bazophuma bayosebenz­a ukuze bondle emakhaya. Kumele singacaban­gi sigcine ku-matric kodwa sicabange kwedlulele kuleli banga ukuze abantu bathuthuke.”

Uthe muhle impela umqulu wokuthuthu­kisa izwe, iNational Developmen­t Plan, inkinga ngukuthi izinto okumele uzifeze azikenzeki.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa