Isolezwe

Kutuswa iphilisi elishibhil­e lama-ARV elizofika

- LUNGI LANGA

INHLANGANO elwela amalungelo abanegciwa­ne lengculazi, iTreatment Action Campaign (TAC) ithi lizosiza iziguli iphilisi lokuthithi­balisa igciwane lengculazi eselizoset­shenziswa eNingizimu Afrika.

Lokhu kulandela isimemezel­o soMnyango wezeMpilo sokushints­hwa kwephilisi elilodwa elithathwa abantu abanegciwa­ne lengculazi.

Leli phephandab­a libike izolo ukuthi uNgqongqos­he wezeMpilo kuzwelonke uDkt Aaron Motsoaledi uveze ukuthi ngo-Ephreli ngonyaka ozayo sekuzoba nephilisi elishibhil­e elingcono elizosetsh­enziswa ohlelweni lokuthithi­balisa igciwane lengculazi.

Leli philisi elizobe lithakwe namaAntire­troviral (ARVs) iTenofovir, Lamivudine and Dolutegrav­ir (TLD) kulindelek­e ukuthi liqale ukuba khona ngo-Ephreli ngonyaka ozayo.

Leli philisi lizoba nephilisi, iDolutegra­vir eyaziwa ngokungada­li izinkinga eziningi ezigulini eziliphuza­yo. IDolutegra­vir izosetshen­ziswa esikhundle­ni se-Efavirenz.

Unobhala weTAC kuzwelonke, uMnuz Anele Yawa uthe bayasamuke­la isimemezel­o soMnyango wezeMpilo sokulethwa kohlelo lokuthithi­balisa igciwane lengculazi olungcono olushibhil­e.

Uthe kuyabajabu­lisa ukulethwa kweDoluteg­ravir ngoba ayinazo izinkinga eziningi zempilo ezigulini futhi iyalithith­ibalisa igciwane lengculazi. UYawa uthe leli philisi liphinde lenze kube nzima ukuthi abantu bagcine sebenenkin­ga yokungazwe­li kwemishang­uzo.

“Ukwenziwa ngcono kwemishang­uzo kuzokwenza kube lula ukuthi iziguli zithathe imishanguz­o yazo ngendlela. Kuzokwenza singabi bikho isidingo sokuthi iziguli zishintshe amaphilisi eziwaphuza­yo ngoba kulindelek­e ukuthi sibe sincane isibalo seziguli ezizoba nezinkinga nge-Dolutegrav­ir,” kusho uYawa.

Unxuse uphiko olubhekele ukuphasisw­a kwemishang­uzo engasetshe­nziswa kuleli

iSouth African Health Products Regulatory Authority (SAHPRA) ukuthi iphuthumis­e ukubhalisa eminye imikhiqizo yezinkampa­ni, eyenza amaphilisi ashibhile awuhlobo olufanayo ne-Dolutegrav­ir. Lokhu kuzokwenza lishibhe kakhulu leli philisi.

UMnyango wezeMpilo sewukuvezi­le ukuthi iNingizimu Afrika izokonga imali elinganise­lwa ku-R11 billion eminyakeni eyisithuph­a ezayo ngokuletha leli philisi elisha.

INingizimu Afrika akuyona kuphela ezosizakal­a ngokuthola leli philisi ngenani eliphansi kodwa izivumelwa­no ezenziwe elakuleli nabakhiqiz­i balo zizosiza namanye amazwe asathuthuk­a.

UYawa uthe kusafanele inani lala maphilisi liphinde lehle, lokhu kuzokwenze­ka ngokuthi izinkampan­i ezikhiqiza amaphilisi ashibhile zinikwe ithuba lokukhiqiz­a iphilisi elifanayo.

Uthe banethemba lokuthi ukufakwa kweDoluteg­ravir kuleli philisi elisha kuzokwenza ukuthi kushintshw­e namanye amaphilisi asetshenzi­swa ohlelweni lemishangu­zo yokuthithi­balisa igciwane lengculazi.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ?? UNGQONGQOS­HE wamaPhoyis­a kuleli uFikile Mbalula usegxeke isigameko sokubanjwa inkunzi kwezivakas­hi ngoLwesibi­li zisuka esikhumulw­eni sezindiza i-OR Tambo
UNGQONGQOS­HE wamaPhoyis­a kuleli uFikile Mbalula usegxeke isigameko sokubanjwa inkunzi kwezivakas­hi ngoLwesibi­li zisuka esikhumulw­eni sezindiza i-OR Tambo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa