UMbalula ugxeke ukuqolwa kwezivakashi
UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa uFikile Mbalula ngoLwesibili uthe amaphoyisa aphenya ukubanjwa inkunzi izivakashi ezingu-36 zaseDutch ezihlaselwe ngesikhathi zisuka esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo zilibhekise eFourways, eGoli zihamba ngebhasi.
Laba bavakashi, iningi labo obekuyizaguga kusolwa ukuthi balandelwe besuka esikhumulweni sezindiza, nokube sekuqhamuka amadoda ahlomile abegqokise okwamaphoyisa, abahlasela ashaya umshayeli amphoqa amusa endaweni ethule la befike bathatha zonke izimpahla zabo okuhlanganisa nemali.
Oyedwa wesilisa kulezi zivakashi ulimele ngesikhathi la madoda efuna izimpahla zabo waphuthunyiswa esibhedlela.
UMbalula usigxekile lesi sigameko, wathi usibona njengokulinyazwa komnotho olethwa izivakashi kuleli.
“Laba abenze lokhu kumele bajeze. Ezokuvakasha kuleli ngezinye ezikhulisa umnotho futhi kuvuleka amathuba omsebenzi entsheni uma kukhona abantu bangaphandle abatheleka kuleli. Kumele sisebenze kanzima ukuvikela abavakashi bethu kuleli. Kumele ngaso sonke isikhathi bahlale futhi bazizwe bevikelekile,” kuchaza uMbalula.
Uthe abaseshi emaphoyiseni ngokubambisana neSouth African National Road Agency nezinye izinhlaka zokuphepha bazobambisana ukubopha labo abenze lo mkhuba.
“Lesi sikhumulo sezindiza, siyindawo ehlonipheke futhi enkulu kuleli. Sesenze umsebenzi omkhulu ukuqinisa ezokuphepha kule ndawo,” kuchaza uMbalula.
-ANA