Kunezinhlelo ezintsha zokulwa nokubhebhetheka kwe-HIV ne-TB
KUYINTOKOZO enkulu kuthina ukubikela abantu bakithi ngebanga eselihanjiwe ekulweni nokubhebhetheka kwegciwane lengculazi nesandulela sayo (HIV), nomzala walezi zifo, okuyisifo sofuba (TB) – nezinhlelo esinazo ezintsha zokuhlwa nalezi zifo.
Siyazigqaja ngokuthi sebevile ku-800 000 abantu besilisa asebesokiwe selokhu iSilo samaBandla uKing Goodwill Zwelithini sahlaba ikhwelo lokuthi kuvuselelwe isiko lokusoka.
Lokhu kusiqinisa idolo, kusinike nethemba lokuthi iyogcina ifezekile injongo kahulumeni wakuleli yokuthi kube nezizukulwane ezingayazi nhlobo i-HIV ne-AIDS.
Sifisa ukubonga bonke abantu ababambe iqhaza kulo mkhankaso wokusokwa kwabesilisa, kusukela kubasebenzi bezempilo kuye ezinhlanganweni esibambisene nazo, kuze kufike kubazali abasabelile kuleli khwelo nabasazosabela.
Siyafisa ukukugcizelela ukuthi ukusoka akumniki umuntu igunya lokuthi usengavele alale nje noma kanjani ngaphandle kokusebenzisa ikhondomu uma eya ocansini, ngoba kuwanciphisa ngo-60% kuphela amathuba okuthola isandulela ngculazi.
Sisazoqhubeka nokufaka umfutho emkhankasweni wethu wokunqanda ukubhebhetheka kwe-HIV ne-TB kubantwana njengoba khona maduze nje sizokwethula umkhankaso omusha wezingqwembe ezinemiyalezo yokuqwashisa abantu bakithi ngalezi zifo nokugwenywa kwazo. Sinxusa abantu bakithi ukuba bangagcini nje ngokuyifunda le miyalezo ebhekiswe ngqo kubo kodwa benze okushiwoyo ukuze kube noshintsho, sithuthuke isimo sezempilo kulesi sifundazwe.
Njengoba kule nyanga kaMandulo besigubha ukuphela konyaka selokhu uhulumeni aqala ukuhlinzeka ngemishanguzo wonke umuntu ohlolwa kutholakale ukuthi unegciwane le-HIV, kuningi okuhle osekwenzekile. Balinganiselwa ku-23 000 njalo ngenyanga abantu base-KZN esesibaqalise imishanguzo selokhu kwethulwe lolu hlelo, nakuba sisalinde ukuthi lezi zibalo ziqinisekiswe ukuze zimenyezelwe ngokusemthethweni.
Ukuhlinzeka abantu ngemishanguzo ngalolu hlobo sikwenza ngaphandle kokulinda kuze kwehle i-CD4 Count njengakuqala.
Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini, imishanguzo ibiqala ukutholakala uma umuntu eneCD4 Count ka-200, kwakhuphuka kwaya ku-350 kanti kugcine sekuwu-500.
Ukungalindi kuze kwehle i-CD4 Count kusiza kakhulu ngoba igciwane linqandwa lingakasabalali emzimbeni womuntu futhi kusho ukuthi i-HIV ayisezubhebhetheka kalula, nabantu ngeke besasheshe bashone.
Abantu asebeke bahlolwa kwatholakala ukuthi baphila negciwane le-HIV kodwa abangakaqali ukuthatha imishanguzo, bayanxuswa ukuba babuyele emitholampilo ukuze bayithole.
Kuyasikhathaza nokho ukuthi bangaphezu kuka 40 000 abantwana nezingane ezineminyaka engaphansi kuka18 kulesi sifundazwe okufanele engabe badla imishanguzo yokulwa ne-HIV kodwa lokhu akwenzeki ngenxa yezizathu ezithile.
Yebo siyaziqhenya ngokwehla kwesibalo sabantwana abasuleleka ngegciwane le-HIV ngesikhathi bezalwa njengoba sesize sacishe safika lapho siphela khona njengoba simi ku-1,2%. Kodwa kuyasikhathaza ukuthi kunabantwana abasuleleka ngaleli gciwane ngoba abazali babo (ikakhulukazi omama) bephuza ukuya emtholampilo ukuze bahlolelwe i-HIV nezinye izifo ngesikhathi bekhulelwe ukuze bathole izinsiza ezifanele.
Kuyishwa ukuthi ngenxa yokwesaba ukucwaswa nokukhishwa inyumbazana, kusenabantu ezweni lakithi abafihlayo ukuthi bane-HIV. Kuyishwa ukuthi ngenxa yengcindezi, abanye abazali bayaye bathole ukuthi bane-HIV kodwa behluleke ukuzivikela bona; abantwana babo nalabo abazwana nabo ukuze kugwenywe ukubhebhetheka kwalesi sifo. Abanye abantwana baze bathole igciwane le-HIV bebe bezalwe bengenayo ngenxa yokuhluleka komama ukudla imishanguzo nokuncelisa ngendlela efanale (ngaphandle kokuxuba ubisi lwebele nezinye izinhlobo zokudla). Konke lokhu akufanele neze engabe kuyenzeka.
Kulele kithina sonke ukuthi sandise ulwazi, sakhe umoya lapho izihlobo zethu zingeke zisabe ukuphumela obala zisho ukuthi ziphila ne-HIV. Uma singayeka ukucwasa abantu abane-HIV, siqonde ukuthi iyisifo esengamelekayo njengezinye, bese sibakhombisa uthando sibeseke, kungaphela ukuthi baphile ngaphansi kwengcindezi nezimfihlo.
Lawo kuyoba amagxathu abalulekile ukuze siqede nya ngeHIV ne-AIDS emphakathini.
UDkt Dhlomo uwuNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal