Isolezwe

Sinwetshiw­e isikhathi kokaSgqeme­za

- FANELESIBO­NGE BENGU

USUZODONSA ubusuku bonke umcimbi waminyaka yonke ohlelwa yisilomo somsakazi woKhozi FM, uDJ Sgqemeza, iCity 2 City Motivation Tour.

Umcimbi kaDJ Sgqemeza, owethula iVuka Mzansi ngo-6.30 kuya ku-9 ekuseni phakathi nesonto, kuzoba kungokwesi­ne owanonyaka.

NgoLwesihl­anu uzoba seYMCA eMgungundl­ovu.

“Kulokhu uzodonsa kuze kube yisekuseni. Kube nokukhala okukhulu kubantu eminyakeni eyedlule ngoba bewuphela ngo-12 kuya ku-1 ezintatha bese beba nenkinga yezinto zokuhamba. Manje sizoqeda ngo-6 ekuseni ukuze abantu bezophuma esekhona namatekisi,” kusho uDJ Sgqemeza.

Uthe baphinde baya eSwaziland lapho belande khona abaculi okunguNdud­uzo Matse wodumo lwengoma ethi Bayazibuza noNothando Hlophe wengoma ethi, Khulul’ugcobo.

“Kukhona nalabo esihlale sihamba nabo. Okunye okuhle wukuthi abantu bazobona uMfundisi uSthembiso Zondo noThomas Hadebe njengoba uHadebe ehlale ethi wafundiswa nguye uZondo,” kuchaza uSgqemeza.

Kulolu chungechun­ge kuzobe kukhona uDumi Mkokstad, Thinah Zungu, Linda Ntuli, Nathi noNkanyiso, Amazing Grace, Abongile Mangala, Luke Ntombela, Sbu Buthelezi, Simphiwe Shembe, Mzora, Ithimba Le Afrika no-Irvin Sihlophe.

Amathikith­i atholakala eComputick­et naseShopri­te/ Checkers ngemali eqala ku-R100.

USgqemeza uthe uma besuka eMgungundl­ovu bazodlula baye eSt Michaels Beach, ePort Shepstone ngo-Okthoba 6, eCentrum Park, eThekwini ngo-Okthoba 27 naseNewcas­tle ngoNovemba 3.

Uthe uzobe ephethe namaDVD emicimbi yangonyaka odlule azobe edayisa.

Uveze nokuthi u-Ayanda Msweli uzoshumaye­la ivangeli lokuphepha emgwaqweni.

 ??  ?? UMHLELI womcimbi iCity 2 City Motivation Tour uDJ Sgqemeza uthi eyalo nyaka izodonsa ubusuku bonke njengoba izoqala ngo-6 kuya ku-6 ekuseni Isithombe: SITHUNYELW­E
UMHLELI womcimbi iCity 2 City Motivation Tour uDJ Sgqemeza uthi eyalo nyaka izodonsa ubusuku bonke njengoba izoqala ngo-6 kuya ku-6 ekuseni Isithombe: SITHUNYELW­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa