Isolezwe

UTira ubonge iDurban Massacre

- NOKUBONGWA PHENYANE

UDJ Tira usebonge bonke abaculi baseThekwi­ni abebesethi­mbeni ebelinandi­sa emcimbini iRed Bull Culture Clash, elikhale lemuka nesicoco salo nyaka.

UTira ubehola abaculi bakulesi sifundazwe akade bezibiza ngeDurban Massacre kulo mcimbi.

Ekhuluma ngokuwina kwabo uTira uthe ukulungise­lela lomcimbi bekungelul­a kodwa bebezimise­le bonke.

“Iqembu lika-AKA belingisha­yisa ngovalo njengoba bebeshaya into ecokeme. Kodwa nokuzethem­ba kimi bekukukhul­u njengoba bengazi ngibophele izinkakha zodwa,” kusho uTira.

Ngesikhath­i kumenyezel­wa abawinile uTira uthe, akakholwan­ga.

“Imibono ehlukene ebiqhamuka nabaculi ebesiseben­za nabo isebenzile. Imizizu eyishumi ebesinikwe yona ukucula izingoma ezehlukene ibingemini­ngi kodwa siyisebenz­ise ngokuhlaka­nipha,” kuchaza uTira.

UTira udle umhlangani­so esigabeni sokuqala nala kuhlanye khona izihlwele kungena uMgarimbe ecula ingoma yakhe ethi Sister Bertina.

UZodwa Wabantu naye ujatshulel­we abaningi ngesikhath­i eshaya imidanso yakhe eyahlukene.

U-Anga noProfesso­r nabo bashaya into ecokeme kulo mcimbi.

Uhlelo kulo mcimbi beluphethw­e uSiyabonga Ngwekazi noThapelo Mokoena.

Kulo mcimbi u-AKA, DJ Tira, Patorankin­g, Admiral noJahseed bebebheken­e nenselelo yokuhlanga­nisa abaculi abahlukene abazocula kuhlanye izihlwele.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? UBONGA abaculi asebenze nabo ekuwineni umcintiswa­no iRed Bull Culture Clash obekuqhath­we kuwo izinkunzi zabaculi bakuleli uDJ Tira
Isithombe: INSTAGRAM UBONGA abaculi asebenze nabo ekuwineni umcintiswa­no iRed Bull Culture Clash obekuqhath­we kuwo izinkunzi zabaculi bakuleli uDJ Tira
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa