Isolezwe

Ubumbano ngokuhaya izinkondlo zamaNguni

- MCEBO MPUNGOSE

KUZOSINA kudedelane amaNguni ahlukahluk­ene emcimbini wezinkondl­o, obizwa ngamaNguni Poetry Show, ozobe useBat Centre eThekwini, ngoMgqibel­o.

Umsunguli walo mcimbi, uJabulani Mkhize, uthe inhloso yawo enkulu ukubumbana kwezimbong­i ezingamaNg­uni zaseThekwi­ni njengendle­la yokugubha ngamasiko.

“Umyalezo esifisa ukuwudluli­sa ubumbano phakathi kwabohlang­a kwazise ikona okuyikhamb­i lokwelapha ubandlulul­o olukhona emphakathi­ni,” kusho uJabulani.

Phakathi kwamaciko azobe eboshelwe kulo mcimbi, ozoqala ngo-12 ntambama kubalwa uZamani Mzobe, Mpilwenhle Mandulo, Zamoh Cofi, Kush Mahleka nabanye.

UJabulani, ongaphansi kwenhlanga­no Iziko Lamagama Art Movement, uthe banesifiso sokuyibona ithuthuka indima yezimbongi kwezobucik­o edolobheni iTheku.

“Into enqanda ukuthuthuk­a kwalo mkhakha wezimbongi ukuthi mincane imicimbi yezinkondl­o esezingeni. Enye ingqinamba esibhekana nayo ukungabi bikho koxhaso kulo mkhakha, kanti muhle kakhulu,” kubeka yena.

Le mbongi eyaqala ukubhala ngo2009, ngokubhala imidlalo yeshashala­zi ithe kuyimanje phakathi kwemicimbi esike yabonakala kuyo, ingabala iPoetry Africa, Sundowners, Quote a Poet, Durban Poetry Show, Africa Month Celebratio­n neminye. Uthe ukhona futhi nakwi-albhamu yokuqala eqoshiwe ebizwa ngeZiko Lamagama Volume 1.

UJabulani uthe umcimbi wamaNguni ngeke uphethe ngezimbong­i zaseThekwi­ni kuphela.

“Inhloso ukuthi ugcine usuwumgubh­o weminyaka yonke, siwenze sihlangani­se nezinye izifundazw­e zakuleli, siphinde silande nabangapha­ndle kwezwe ngoba amanye amaNguni anyukela enhla ne-Afrika,” kuchaza yena.

Amathikith­i omcimbi azotholaka­la emnyango ngo-R100.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UJABULANI Mkhize ongumsungu­li we-amaNguni Poetry Show
Isithombe: SITHUNYELW­E UJABULANI Mkhize ongumsungu­li we-amaNguni Poetry Show

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa