Ubumbano ngokuhaya izinkondlo zamaNguni
KUZOSINA kudedelane amaNguni ahlukahlukene emcimbini wezinkondlo, obizwa ngamaNguni Poetry Show, ozobe useBat Centre eThekwini, ngoMgqibelo.
Umsunguli walo mcimbi, uJabulani Mkhize, uthe inhloso yawo enkulu ukubumbana kwezimbongi ezingamaNguni zaseThekwini njengendlela yokugubha ngamasiko.
“Umyalezo esifisa ukuwudlulisa ubumbano phakathi kwabohlanga kwazise ikona okuyikhambi lokwelapha ubandlululo olukhona emphakathini,” kusho uJabulani.
Phakathi kwamaciko azobe eboshelwe kulo mcimbi, ozoqala ngo-12 ntambama kubalwa uZamani Mzobe, Mpilwenhle Mandulo, Zamoh Cofi, Kush Mahleka nabanye.
UJabulani, ongaphansi kwenhlangano Iziko Lamagama Art Movement, uthe banesifiso sokuyibona ithuthuka indima yezimbongi kwezobuciko edolobheni iTheku.
“Into enqanda ukuthuthuka kwalo mkhakha wezimbongi ukuthi mincane imicimbi yezinkondlo esezingeni. Enye ingqinamba esibhekana nayo ukungabi bikho koxhaso kulo mkhakha, kanti muhle kakhulu,” kubeka yena.
Le mbongi eyaqala ukubhala ngo2009, ngokubhala imidlalo yeshashalazi ithe kuyimanje phakathi kwemicimbi esike yabonakala kuyo, ingabala iPoetry Africa, Sundowners, Quote a Poet, Durban Poetry Show, Africa Month Celebration neminye. Uthe ukhona futhi nakwi-albhamu yokuqala eqoshiwe ebizwa ngeZiko Lamagama Volume 1.
UJabulani uthe umcimbi wamaNguni ngeke uphethe ngezimbongi zaseThekwini kuphela.
“Inhloso ukuthi ugcine usuwumgubho weminyaka yonke, siwenze sihlanganise nezinye izifundazwe zakuleli, siphinde silande nabangaphandle kwezwe ngoba amanye amaNguni anyukela enhla ne-Afrika,” kuchaza yena.
Amathikithi omcimbi azotholakala emnyango ngo-R100.