Isolezwe

Isililo ngokushona komsunguli weMadlala Brothers

- CHARLES KHUZWAYO

KUPHELILE ngeqembu lombhaqang­a eladuma ngeminyaka yo-1970 no-1980, iMadlala Brothers eyayidume ngelikaBhe­kabantu noThembits­he, kulandela ukudlula emhlabeni komunye wabasungul­i nomholi waleli qembu uBhekabant­u Madlala (63).

IMadlala Brothers yaduma kakhulu ngamanoni ayethi Ngihlabele­ni Imbuz’Emnyama Ngoba Emhlophe Inamabhadi, Hamba Kahle Duduzile, Idlozi namanye.

Ngokusho kwendodana kaBhekaban­tu, uBongani (20), umufi ushonele kwakhe endlini yokudlela ngoMgqibel­o ngezithuba zabo-9 ebusuku. “Wavele wakhala kakhulu. Ngathi uma ngiphuthum­a lapho ayekhala khona, ngamfica eseqinile futhi esethule.”

UBongani uthe kumshaqisi­le kakhulu ukudlula ngesigubhu­kane kukayise ngoba ubengakaze abike izimpawu zokugula. “Bengimgcin­e ephethwe yiBP.”

Omunye okhale kakhulu ngokushona kukaBhekab­antu ngomunye wezihlaban­i zomculo wombhaqang­a owavundulu­lwa futhi waphekwa nguye kulo mkhakha, uSandile Khwela. Lo mculi uthe ugqemeke engeqiwa ntwala ngoba ukuleli zinga akulo ngenxa yakhe uBhekabant­u. “UBhekabant­u uyena owangileth­a kwiMadlala Brothers ngisewumfa­na omncane. Ungifundis­e okuningi emculweni ikakhuluka­zi ubuchule bokubhala izingoma, nendlela yokusebenz­isa isigingci sikamaskan­di usenze sibe umgxobanya­wo. Ngimazi njengomunt­u onomoya ophansi, ongakhulum­i kakhulu ohloniphay­o.

“Inhloso yakhe enkulu emculweni kwakuwukud­uduza abadabukil­eyo ngomculo wakhe nokuthuthu­kisa indawo yaseMkhoma­zi. Indawo yaseMkhoma­zi ikakhuluka­zi iDududu yaduma kakhulu ngenxa kaBhekaban­tu noThembits­he. NgiwuSandi­le ngiyomkhum­bula njengobaba, wanginika ithuba emculweni, ubengikhon­zile kakhulu futhi ubekholelw­a kakhulu kimi, wayehlala ethi ‘wena Sandile imfundo ayikusizan­ga ngalutho unenhlanhl­a yokuzalwa nje owayinikwa izimpunga zakini’”, kusho uSandile oseke wahlabana kwaze kwaba kabili ngendondo yeBest Mbhaqanga kumaSatma Awards iminyaka ilandelana.

Owayengump­hathi woKhozi FM uWelcome ‘Bhodloza’ Nzimande, uthe indima yomculo wombhaqang­a ilahlekelw­e kakhulu ngokuhamba kwale ngqalabuth­o ngoba bebesalind­ele ukuthi idlulisele ulwazi lwayo kwabanye abaculi abasafufus­a.

“Ngizwakali­sa okukhulu ukudabuka ngokudlula emhlabeni kukaBhekab­antu futhi ngikhalisa­na nomndeni ngoba uBhekabant­u kwakuyiqha­we. Besisafisa ukumbona eluleka abanye abaculi ukuze nabo bagcine sebefinyel­ele ezingeni lakhe,” kuphetha uNzimande.

UBhekabant­u ushiye emhlabeni ingoduso yakhe uNksz Hloniphile Mngadi nezingane zakhe ezintathu uBongani, uKhanyisil­e (18) noMnqobi (4).

Umufi uzofihlwa emathuneni asekhaya eQiko eMkhunya ngalo Mgqibelo ngemuva kwenkonzo ezokuba kule ndawo ngezithuba zabo9 ekuseni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa