Isolezwe

Isithandwa sami asiyingeni eyenkonzo yasekamelw­eni

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Sesineziny­anga eziyisikho­mbisa sindawonye nesithandw­a sami. Sikholelwa kakhulu kuNkulunku­lu. Nginomntwa­na angifice nginaye, naye ngokunjalo unayo ingane. Inkinga wukuthi ubhuti akakaze angithinte noma akhombise ukuthi uyathanda ukuya enkonzweni yasekamelw­eni. Akakaze akhombise ngisho isasasa uma kuya ezindabeni zocansi. Kona ngiyazi ukuthi uyangithan­da futhi akagangile ngoba isikhathi esiningi usichitha nami. Muva nje uma ngimbuza ngalolu daba uthi asilinde size sishade. Angazi ukuthi ngizokwazi yini ukulinda leso sikhathi.

Ayanda, eMgungundl­ovu Impendulo: Ewu Ayanda uze uthi awazi ukuthi uzokwazi ukulinda pho! Amadoda aziphethe kahle awasaziwa. Kuyinto enhle nencomeka kakhulu leyo. Ningaba nobudlelwa­no obuqinile nobakhelwe esisekelwe­ni sothando oluqotho ngaphandle kokuthi niye ocansini ngaphambi komshado. Ubudlelwan­o bothando abuchazwa yikamelo kuphela. Akulula-ke nokuthi singenelel­e kulolu daba ngoba awuboni ukuthi uzokwazi ukulinda nize nishade. Lokhu kuchaza ukuthi ucansi kuwena luyinto ebaluleke ngendlela yokuthi ungaze weqe umngcele ngoba ubona ungeke ukwazi ukulinda. Lokhu kudinga ukuthi ukunake ngoba kuthinta nendlela ongaziphat­ha ngayo ngisho senishadil­e. Isibonelo, uma kungenzeka ukuthi umyeni wakho alimale ebuntwini bakhe ngale ndlela yokuthi akasakwazi ukuya ocansini, ungenzenja­ni? Umbuzo: Umyeni wami uyindoda ehloniphek­ile emphakathi­ni nasesontwe­ni kodwa ekhaya ungomunye umuntu. Kunezikhat­hi la sihlangana naye ngeSonto ekuseni esontweni ngoba engalalang­a ekhaya. Lapho kumele ngizenzise ngishaye sengathi konke kuhamba kahle ngenxa yenhloniph­o abamnika yona enkonzweni. Angisazi ukuthi kumele ngenzenjan­i. Engikwaziy­o nje wukuthi sengikhath­ele wukubekeze­lela umuntu ophila impilo ehlukene.

Igama Ligodliwe, eMlaza Impendulo: Kunabantu abakwaziyo ukuzenzisa uma bephambi kwabanye abantu, ungaze ubaphikele. Siyayazi le nhlobo enjengomye­ni wakho, sihlangabe­zana nayo kakhulu kulolu bizo lwethu. Ave kukhathaza ukuphila impilo ehlukahluk­ene. Akukho okufihlake­le okungeyoku­vela. Sifisa sengathi singakhulu­ma naye simqwashis­e ngoba isiphetho sesenzo sakhe ngeke sibe sihle. Lo mkhuba wakhe uyovela kabi engalindel­e futhi kufanele awuyeke. Uma esewuyekil­e kufanele ungabe usamngabaz­a njengonkos­ikazi wakhe. Hlala naye phansi umtshele ukuthi uphatheke kanjani. Lokhu kuyinto esingeke sikukhutha­ze ukuba uyibekezel­ele. Uma engalaleli zama ukuhlala phansi nabaholi bebandla nomfundisi ubabikele lolu daba. Kodwa mazise kuqala ngaphambi kokubatshe­la. Siyethemba ukuthi isisombulu­lo sizotholak­ala. Umbuzo: Ngineminya­ka ewu-20. Ngihlala ekhaya nomama. Umama wahlukuna nobaba ngisemncan­e. Manje usethandan­a nomunye ubaba. Sekuphele iminyaka emithathu bendawonye. Ubaba othandana nomama useqale ukungishin­tshela muva nje. Indlela akhuluma ngayo nangendlel­a angibuka ngayo uma umama engekho ayinginiki ukuthula. Uma umama engekho uncoma umzimba wami kodwa akakwenzi lokho uma umama ekhona. Ngelinye ilanga wathi angimphath­ele amanzi ekamelweni. Kwathi uma ngingena ngamthola enqunu ebhushuzel­a. Ngagijima ngaphumela ngaphandle kwaze kwabuya umama. Manje ngiyesaba ukumtshela umama ngoba ngiyayazi indlela amthanda namkhonze ngayo lo baba.

Sizakele, eShowe Impendulo: Ukuze ungabi yisisulu sokudlweng­ulwa, kufanele usheshe ubikele umama wakho konke okwenzekay­o.Uma ungenzi lutho ngezenzo zalo muntu kufanele wazi ukuthi uyamkhutha­za ukuthi aqhubeke enze okungaphez­ulu kwalokhu asekwenzil­e nokuthi aqhubeke ayokwenza nakwabanye. Sikhuthaza ukuthi uthathe izinyathel­o ezinqala ngale kokutshela umama wakho. Lokhu empeleni akuqondene nomama wakho kuqondene nawe nekusasa lakho ngqo. Yithi akakuphind­e konke abekusho kuwe ngesikhath­i umama wakho engekho. Uma unendlela yokumqopha nangeselul­a engaboni kwenze lokho. Zama ukuba nobufakazi Sizakele futhi sikhuthaza ukuthi umtshele konke umama wakho, angakumang­aza akholwe okushoyo. Ekugcineni uyingane yakhe futhi awumfiseli okubi. Kodwa nawe kufanele ube nendlela ozolubeka ngayo lolu daba. Uma wesaba khuluma nomunye umuntu omdala emndenini noma umngani wakhe umtshele konke.

Uma umama engakukhol­wa kuyobe kukhombisa ukuthi le mpi kufanele uyilwe wedwa. Ungalivula icala emaphoyise­ni ukuze kube wudaba abomthetho abalwaziwa­yo. Yenza konke okusemandl­eni akho ukuze ungazithol­i usenkingen­i yokuba yisisulu sokudlweng­ulwa.

Ungasibhal­ela nge-email ku-bookings@moandphind­i. com, KuFacebook - Mo & Phindi naku-Instagram - Mo & Phindi

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa