Isolezwe

Singalwa nobubha ngokuzijwa­yeza ukutshala emagcekeni

-

ISIBALO esishaqisa­yo sabantu abangu13mi­llion kuleli elishona bengazi bazolala bedleni, impela sidinga kuqhanyukw­e namasu azosebenza ukusinciph­isa.

Izinga lobubha likhulu kakhulu eNingizimu Afrika nohulumeni uyazama ukwelekele­la njengoba kukhona abahola imali yezibonele­lo kukhona nabakwazi ukuthola amavawusha egilosa.

Lokhu akusho ukuthi uhulumeni kumele adembesele ukudala imisebenzi njengoba kuwukwentu­leka kwayo okwenza ububha bube phezulu kangaka.

Akusizi kodwa ukuthembel­a kuhulumeni kuphela, kukhona nathi esingakwen­za ukulwa nobubha.

Yingakho sileseka ikhwelo elihlatshw­e yiPhini likaNgqong­qoshe wezoLimo, amaHlathi nokuDoba, uMnuz Bheki Cele lokuthi abantu emalokishi­ni nasemadolo­bheni kumele bazijwayez­e ukutshala imifino nezithelo abazokudla.

UCele ngeledlule uvakashele eMlaza eyokhuthaz­a abantu ukuba basebenzis­e amagceke abo ukutshala abazokudla.

Akubalulil­e wukuthi imizi eminingi emagcekeni inotshani obuhle, obuchelelw­a mihla namalanga athi esikhundle­ni sokumosha amanzi kuchelelwa utshani kumele kuchelelwa izingadi ezinezitsh­alo abazozidla.

Kumba eqolo ukudla ezitolo kulezi zinsuku kepha ukuba nezitshalo ezithize egcekeni kungasiza ekongeni imali njengoba okunye uzobe ungasakuth­engi usukuvuna egcekeni.

Siyabagqug­quzela abantu emadolobhe­ni ukuba balamukele leli khwelo basebenzis­e amagceke abo ukutshala, uphume umqondo wokuthi ukutshala nokuvuna yinto yabantu basemakhay­a kuphela.

Isimo sibi ezweni, siyalelwa nsukuzonke ukuthi songe imali sigweme nokuyisebe­nzisela izinto ezingathi shu.

Ukuzitshal­ela izithelo nemifino kuzokongel­a imali futhi kuzoba yimpendulo nakulabo okushaya isikhathi sokudla bengazi ukuthi bazothatha­ni bahlangani­se nani.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa