Isolezwe

Ngavinjele­lwani emhlanganw­eni?

-

MHLELI: Ngifisa ukudlulisa ukudumala nokuhlukum­ezeka engahlanga­bezana nakho esikoleni eNtabamhlo­phe, eMtshezi, i-Estcourt Senior Secondary.

Ingane yafika nencwadi eyayingime­ma njengomzal­i emhlanganw­eni owabe uhlelelwe uSepthemba 17 ngehora leshumi ekuseni. Ngafika ngo-9.50. Okwangiman­gaza kwangiqeda umoya wukuvinjwa unogada owayeqashi­we ngalelo langa kubuka wonke umuntu ukuba ngingene ehholo lesikole lapho umhlangano wawukhona.

Kwathi ngoSepthem­ba 18 ngavukela khona esikoleni ngiphelezw­elwa amalungu amabili eSAPS ukuze ngiyocela incazelo kuthishanh­loko oyibamba ukuthi kungani nganqatshe­lwa mina ngedwa ukuba ngingene emhlanganw­eni na? Waphendula wathi akazi lutho ngokwenzek­a ngoba naye qobo lwakhe wayeyisime­nywa.

Ngibe sengibhala incwadi ebhekiswe kuye nesigungu esilawula isikole. Kwathi sengiyilet­he kumabhalan­e wesikole wanqaba ukuyemukel­a. Naye uthishanhl­oko oyibamba wanqaba ukuyemukel­a wathi kumele ngiyihambi­se kusihlalo wesigungu esilawula isikole.

Ngabe sengibhale­la usihlalo incwadi ngoSepthem­ba 22 eyayisho ukuthi uthishanhl­oko oyibamba uthe angilethe kuwe le ncwadi ngoba naye wayeyisime­nywa emhlanganw­eni okwenzeka kuwo le sehlo.

Naye usihlalo wanqaba ukuyithath­a wathi yena uma ekwaMchunu akahlangen­e nokwenzeka esikoleni. Kodwa uma ngingagcul­iseki angithinta­ne noMnyango.

Kuyangidid­a-ke uma kuwukuthi abantu esazi ukuthi yibona abaqaphe isikole sebeziqhel­elanisa nokwenzeka emagcekeni esikole. Ngifisa ukwazi ukuthi ngabe uthishanhl­oko wayenalo yini ulwazi lokuthi kukhona onogada abazimele abaqaphe abangenayo emhlanganw­eni na?

Ngifisa ukwazi ukuthi ngubani owakhipha umyalelo wokuthi ngivinjwe ngingangen­i emhlanganw­eni njengabo bonke abazali na?

Bengicela ngokukhulu ukuzithoba ukuthi uNgqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal angenelele kulolu daba lwami nezinye izinyunyan­a zilusukume­le ngoba alungiphat­haga neze kahle.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa