Ngavinjelelwani emhlanganweni?
MHLELI: Ngifisa ukudlulisa ukudumala nokuhlukumezeka engahlangabezana nakho esikoleni eNtabamhlophe, eMtshezi, i-Estcourt Senior Secondary.
Ingane yafika nencwadi eyayingimema njengomzali emhlanganweni owabe uhlelelwe uSepthemba 17 ngehora leshumi ekuseni. Ngafika ngo-9.50. Okwangimangaza kwangiqeda umoya wukuvinjwa unogada owayeqashiwe ngalelo langa kubuka wonke umuntu ukuba ngingene ehholo lesikole lapho umhlangano wawukhona.
Kwathi ngoSepthemba 18 ngavukela khona esikoleni ngiphelezwelwa amalungu amabili eSAPS ukuze ngiyocela incazelo kuthishanhloko oyibamba ukuthi kungani nganqatshelwa mina ngedwa ukuba ngingene emhlanganweni na? Waphendula wathi akazi lutho ngokwenzeka ngoba naye qobo lwakhe wayeyisimenywa.
Ngibe sengibhala incwadi ebhekiswe kuye nesigungu esilawula isikole. Kwathi sengiyilethe kumabhalane wesikole wanqaba ukuyemukela. Naye uthishanhloko oyibamba wanqaba ukuyemukela wathi kumele ngiyihambise kusihlalo wesigungu esilawula isikole.
Ngabe sengibhalela usihlalo incwadi ngoSepthemba 22 eyayisho ukuthi uthishanhloko oyibamba uthe angilethe kuwe le ncwadi ngoba naye wayeyisimenywa emhlanganweni okwenzeka kuwo le sehlo.
Naye usihlalo wanqaba ukuyithatha wathi yena uma ekwaMchunu akahlangene nokwenzeka esikoleni. Kodwa uma ngingagculiseki angithintane noMnyango.
Kuyangidida-ke uma kuwukuthi abantu esazi ukuthi yibona abaqaphe isikole sebeziqhelelanisa nokwenzeka emagcekeni esikole. Ngifisa ukwazi ukuthi ngabe uthishanhloko wayenalo yini ulwazi lokuthi kukhona onogada abazimele abaqaphe abangenayo emhlanganweni na?
Ngifisa ukwazi ukuthi ngubani owakhipha umyalelo wokuthi ngivinjwe ngingangeni emhlanganweni njengabo bonke abazali na?
Bengicela ngokukhulu ukuzithoba ukuthi uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal angenelele kulolu daba lwami nezinye izinyunyana zilusukumele ngoba alungiphathaga neze kahle.