Isolezwe

Saphoqwa kangaka ukukhuluma isiNgisi sibe siKwaZulu-Natal?

-

Mzwakhe Duma NTABAMHLOP­HE, ESTCOURT MHLELI: Ngicela ukukubeka kucace ukuthi le ndlela esikhuluny­iswa ngayo isiNgisi sekuyingci­ndezelo engeke siyibekeze­lele siyisizwe saKwaZulu-Natal. Kwezinye izitolo eThekwini kumele ukhulume isilungu yize uKwaZulu. Ngisho nesinkwa imbala kumele usibize ngesilungu. Kanti senzeni eNingizimu Afrika?

Kwathiwa izilimi ziyalingan­a eNingizimu Áfrika kodwa kusabonaka­la kunokuqhub­eka ukuthunjwa kwabantu bohlanga kwelakubo. Kanti koze kube nini sithunjiwe yize kuthiwa sesikhulul­ekile eNingizimu Afrika?

Ngicela kuphasiswe umthetho ozothi wonke umuntu ongena KwaZulu afundiswe ukubingele­la ngesiZulu aphinde afundiswe izimpahla ezithile ngesiZulu, nokuvaleli­sa ngolimi olukhuluny­wa kakhulu kuleso sifundazwe akusona, ukuze axhumane ngendlela enenhlonip­ho nabantu baleso sifundazwe. Lokho kuzosenza sizigqaje ngezilimi zethu zaseMzansi Afrika.

Sicela imithi yasezibhed­lela iyekwe ukubhalwa ngesiBhunu kepha ibhalwe ngesiZulu KwaZulu-Natal. Kade sacindezel­wa sesifisa ngisho ukwenza noma yini ukuze siphume ebugqilini bamaBhunu. Sicela uhulumeni akhiphe imibhalo yesibhunu emithini yasezibhed­lela zaKwaZulu-Natal afake okutolikwe ngeSiZulu ukuze sizifundel­e yonke imigomo neminining­wane yaleyo mithi ngaphandle kokuphazam­iseka emqondweni.

Sicela futhi uhulumeni asisize asilungise­le amagama ezindawo abizeke ngendla eyiyona. Isibonelo Pongola esikhundle­ni sokuthi uPhongolo. Nezinye izindawo ezashintsh­wa indlela ezibizwa ngayo ngenxa yobandlulu­lo azilungise ngokubambi­sana nomasipala namakhosi nabantu bendawo ukuze kube yimpumelel­o. CS Madela OLUNDI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa