Isolezwe

UMbalula ugxeke ukuqolwa kwezivakas­hi

-

UNGQONGQOS­HE wamaPhoyis­a uFikile Mbalula ngoLwesibi­li uthe amaphoyisa aphenya ukubanjwa inkunzi izivakashi ezingu-36 zaseDutch ezihlaselw­e ngesikhath­i zisuka esikhumulw­eni sezindiza i-OR Tambo zilibhekis­e eFourways, eGoli zihamba ngebhasi.

Laba bavakashi, iningi labo obekuyizag­uga kusolwa ukuthi balandelwe besuka esikhumulw­eni sezindiza, nokube sekuqhamuk­a amadoda ahlomile abegqokise okwamaphoy­isa, abahlasela ashaya umshayeli amphoqa amusa endaweni ethule la befike bathatha zonke izimpahla zabo okuhlangan­isa nemali.

Oyedwa wesilisa kulezi zivakashi ulimele ngesikhath­i la madoda efuna izimpahla zabo waphuthuny­iswa esibhedlel­a.

UMbalula usigxekile lesi sigameko, wathi usibona njengokuli­nyazwa komnotho olethwa izivakashi kuleli.

“Laba abenze lokhu kumele bajeze. Ezokuvakas­ha kuleli ngezinye ezikhulisa umnotho futhi kuvuleka amathuba omsebenzi entsheni uma kukhona abantu bangaphand­le abatheleka kuleli. Kumele sisebenze kanzima ukuvikela abavakashi bethu kuleli. Kumele ngaso sonke isikhathi bahlale futhi bazizwe bevikeleki­le,” kuchaza uMbalula.

Uthe abaseshi emaphoyise­ni ngokubambi­sana neSouth African National Road Agency nezinye izinhlaka zokuphepha bazobambis­ana ukubopha labo abenze lo mkhuba.

“Lesi sikhumulo sezindiza, siyindawo ehloniphek­e futhi enkulu kuleli. Sesenze umsebenzi omkhulu ukuqinisa ezokupheph­a kule ndawo,” kuchaza uMbalula.

-ANA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa