Izimvume zokudoba kubadobi baseKZN
BANGU-4085 abadobi abadoba umthamo omncane baKwaZulu-Natal abanikwe ilungelo lokudoba olwandle kulesi sifundazwe.
Abadobi bathole izimvume eMnyangweni wezoLimo, amaHlathi nokuDoba ngemuva kohlelo lokucubungula oluthathe unyaka. Ukucubungula kulandela uchungechunge lokubonisana nokusungulwa kwemithetho elawula lo mkhakha obungekho ngaphambi kuka-2005.
Ngo-2005 abadoba umthamo omncane bafaka umnyango enkantolo befuna ukuthi kulungiswe umthetho olawula ukudoba obubakhiphela eceleni abadoba umthamo omncane. Ngo-2007 inkantolo yavuna abadobi yayalela umnyango ukuthi uqhamuke nohlelo lokulawula ukungalingani okukhona kulaba badobi.
Umnyango waqhamuka nomgomo owaziwa ngeSmallScale Fishing Policy (SSFP) owemukelwa yisigungu esidinginda izindaba zabasebenzi iNedlac ngo-2012.
Inhloso yalo mgomo kwakungukuthi kube nendlela esemthethweni ezolandelwa ukuze kuhlelelwe abadoba umthamo omncane. Kuqinisekiswe ukuthi lokhu akushayisani nemithetho ekhona yokugcina imvelo esolwandle. Abadobi bafundiswe kabanzi ngendlela yokudoba ephephile nangamathuluzi aphephile avunywa wumthetho okumele bawasebenzise.
Kusukela ngo-2013 umnyango ubuzama uhlelo lokuthi konke okukulo mgomo kusetshenziswe. I-Small-Scale Fishing Implemantation Plan (SSFIP) iqale ukucutshungulwa ngalo nyaka. Ngakolunye uhlangothi kwaqalwa uhlelo lokuchibiyela umthetho iMarine Living Resources Act, ebingakuvumeli ukuthi abadoba umthamo omncane bangene olwandle. Lo mthetho wachitshiyelwa ngo-2014.
Lokhu bekungenele bekusadingeka ukuthi kube nomunye futhi umthetho ozolawula laba badobi iSmall-Scale Regulation ephasiswe nyakenye.
Ngaphambi kokuthi kukhishwe imvume bekubhekwa ukuthi ofake isicelo ngowakuleli yini, uhlala kule ndawo abhalise kuyo yini futhi uneminyaka eyishumi edoba noma ungumdayisi wezinhlanzi nokunye okudotshwa olwandle. Bekubhekwa ukuthi ngabe uphila ngokudoba yini, uma engayitholi imvume uzophila kanjani.
UNgqongqoshe woMnyango, uMnuz Senzeni Zokwana, uthe umnyango usematasa ucubungula izikhalo zalabo abangaphumelelanga. Ngonyaka ozayo uthe kuzoqala uhlelo lokufakwa kwezicelo kuma-co-operatives. Ucwaningo olwenziwe umnyango ngo-2015 lukhombisa ukuthi KwaZulu-Natal kukhiqizwa amathani angu-412.94 ezinhlanzi ezehlukene.