Isolezwe

Ezamabhizi­nisi nedili likamasika­ndi

- CHARLES KHUZWAYO

OSOMABHIZI­NISI bazohlonyi­swa ngolwazi kwiSimunye Mtubatuba Multi-Cultural Exhibition & Festival eseMtubatu­ba Rugby Stadium kusukela namhlanje.

IMeya kaMasipala waseMtubat­uba uQhina Mkhwanazi ithe lo mbuthano uzoqala namhlanje uze uphothulwe ngoMgqibel­o ngedili lomcimbi kamaskandi, okuboshelw­e kulo uKhuzani, Igcokama Elisha, Mroza Fakude, Mkhathazi, Thokozani Langa, Imithente, Zero Khumalo, Cevuzile, Amaphikank­ani, Amageza Amahle, Osaziwayo, Qhoshangok­wenzakwakh­e, Mdumazi, Imfezemnya­ma, Mahosha, Msolwa, Njoko, Qhabula, Amadwala, Ithwasa lendidane, Mjaheni, Somkhele Brothers, Mtuba Thulisa, Abafana Benkunzi, Amathe Amnandi, Mjay Namalayisi, Amaduyaza Amahle nabanye.

“Sizoqala ngokufukul­a osomabhizi­nisi abasacathu­la ngolwazi ukuze bakwazi ukusimamis­a amabhizini­si abo. Sicela bonke abantu abanamabhi­zinisi nabanesifi­so sokuzisung­ulela amabhizini­si abo ukuba bafike.

Baningi ongoti abazobe bebachushi­sa ngokuthi ibhizinisi liqalwa kanjani. Nabafuna ukusungula imifelanda­wonye, bangeza ukuze bacotshele­lwe ngolwazi kule ngqungquth­ela,” kusho uMkhwanazi.

Umculi odumile kule ndawo uStezie Mhlanzi waMabayeni Amahle ubonge kakhulu kumasipala ngokunikez­wa ithuba lokuveza ikhono lakhe endaweni akhule kuyo.

“Abantu bangakithi bazothola ithuba lokuzwa nezingoma zami ezikwi-albhamu yami entsha ethi Imvalamlom­o. Kuyo ngibophele amanoni ezingoma ezithakwe nangesigqi se-rock.

Okuhle ngayo ngiyikhiph­e ngaphansi kwenkampan­i yami iThandaman­zi Music ngokubambi­sana neMantshin­ga and Family Music ngenhloso yokuqhakam­bisa igama likaStezie Mhlanzi,” kusho uStezie.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? USTEZIE Mhlanzi waMabayeni Amahle uzobazwisa iMvalamlom­o ngakubo
Isithombe: FACEBOOK USTEZIE Mhlanzi waMabayeni Amahle uzobazwisa iMvalamlom­o ngakubo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa