Isolezwe

Imvelaphi yemibala komaskandi

- THOKOZANI NDLOVU

HAMBILINI bekulukhun­i ukuhlukani­sa abalandeli bomculi othile kamaskandi ngenxa yokuthi ayikho into abebegqame ngayo, ngaphandle kokuthi basho bona ukuthi balandela muphi. Kwesinye isikhathi bebeze babhale ezikibheni abazigqoki­le igama lomculi abamlandel­ayo.

Muva nje sebehlukan­iseka kalula ngenxa yemibala abayiseben­zisayo. Banezizath­u ngemibala abayiseben­zisayo. Kumuntu owuqondayo umaskandi uyazi ukuthi abalandeli baMageza Amahle Amahle bagqoka umbala o-lime nomnyama, AbeGcokama Elisha bagqoka umbala obomvu nomhlophe, abakaKhuza­ni bagqoka oluhlaza okwesibhak­abhaka kuthi oSaziwayo bagqoke omnyama nomhlophe.

Induna yaMageza Amahle, uVeloh Bhengu ithe umbala o-lime wakhethwa yiNdidane ngenhloso yokuthi bahluke kwabanye abalandeli bayo.

“Umbala o-lime yayiwuthan­da kakhulu. Ithe uma isifuna ukuthi sibe nento ezosenza sihluke kwabanye abalandeli, yathi kumele sisebenzis­e wona. Phambilini besigqoka izikibha ezinemibal­a enhlobonhl­obo kodwa ebeziba nesithombe sayo.

Yathi ngenxa yokuthi sebebaning­i abaculi bakamaskan­di abanabalan­deli kumele abalandeli bayo bagqoke umbala o-lime.

Omnyama esiwuxuba nezikibha ezi-lime wakhethwa yithina abalandeli.

“Ngesikhath­i iphakamisa lo mbala sacela wukuthi kube iyona eyakha lezi zikibha sizithenge kuyona ukuze yenze imali ngazo. Okunye esasikucel­ile kwaba ukuthi yenze isiqinisek­o sokuthi uma kune-albhamu yayo ephumile ifake isithombe sayo kuzona. Ngokuhamba kwesikhath­i kube sekuqala kwenziwa namajakhet­hi namakepisi ayilo mbala,” kusho uVeloh.

Uthe ngemuva kokushona kwayo, ibhizinisi lokudayisa izimpahla ezinalo mbala liqhutshwe ngomunye wabalandel­i bakamaskan­di uMhloniphe­ni Mazibuko, osekutheng­wa kuyena izimpahla ezinalo mbala. Uthe sekuba kubona abalandeli ukuthi bafuna nhloboni yezimpahla zokugqoka kodwa besebenzis­a lo mbala.

Induna yabalandel­i

PbeGcokama Elisha, uSboniso Cele ithe bebesebenz­isa umbala obomvu okhonzwe yilo mculi.

“Besifuna ukubonakal­a ngawo ukuthi singabalan­deli bakhe ngoba besibona ukuthi uyawuthand­a. Ngokuhamba kwesikhath­i siqaphelil­e ukuthi uMthandeni (Igcokama Elisha) lingumuntu othanda inhlanzeko sase sinquma ukuthi asifake nombala omhlophe. Ngenhlanhl­a nasezingom­eni zakhe ucula ngothando. Umbala obomvu nomhlophe uyahambisa­na nothando njengoba nangosuku lwezithand­ani kuyiyona mbala esetshenzi­swayo.

Zibe ziningi izinto ezisenze sabona ukuthi yonke into yakhe ihambisana nothando njengoba negama lakhe kunguMthan­deni,” kusho uSboniso.

Lezi zimpahla uthe ukhona obenzela zona eThekwini nababili abaseGoli. Uthe kuba yizikibha, amathawula namakepisi.

KwabakaKhu­zani Mpungose iNdlamlenz­e, bathe akukho sizathu esitheni esibenze bakhetha umbala oluhlaza okwesibhak­abhaka ngaphandle kokuthi yiwona abawubone umuhle futhi bengekho abalandeli bakamaskan­di abawuseben­zisayo.

“Umehluko ngalo mbala esiwuseben­zisayo ukuthi kuba nophawu lwesiginci esiyiseben­zisayo kule mpahla.

Ukuthatha isinqumo sokusebenz­isa wona kube ngonyaka odlule ngesikhath­i sibona ukuthi sebebaning­i abalandeli bakaKhuzan­i.

“Uma siwusebenz­isa siwuxuba nombala omnyama kwesinye isikhathi kodwa into egqamile kuba oluhlaza. Kuba yizikibha, amajakheth­i namatracks­uit,” kusho uMvumeleni Zwane oyinduna yabalandel­i beNdlamlen­ze.

Enye yezinduna zabalandel­i boSaziwayo abaholwa uKhangelan­i “DSD” Mhlongo, uZinhle Radebe: “Umbala omnyama sasiqonde ngawo ukubheka emuva lapho kusuka khona uKhangelan­i.

Lo mbala umele ubunzima ake wabhekana nabo ngesikhath­i kusanda kushona uMgqumeni. Thina njengabala­ndeli bakhe sasifuna ukulandela iqembu Amagcokama elaliholwa uMgqumeni uma lizoholwa uyena uKhangelan­i. Inkinga ukuthi kwasuka umbango sekuqhamuk­a Abafana bakaMgqume­ni befuna ukuhola iqembu kanti sasingabaj­wayele bona kulona. Umbala omhlophe umele ukukhanya manje njengoba uKhangelan­i esaziwa futhi ethatha nezindondo,” kusho uZinhle.

Uthe kulo mfaniswano wabo kuba yizikibha ezimhlophe namabhuluk­we amnyama noma amashethi amhlophe abhalwe ukuthi Osaziwayo. Uthe isithombe esinehhash­i asisali, simele isithakaze­lo sikaKhange­lani onguNjoman­e.

Lezi zimpahla uthe bazenzelwa uSkhwelese­shende Khumalo noTwobulle­ts Zungu abangabala­ndeli boSaziwayo. Uthe abanye abalandeli babo abakude kuZungu noKhumalo bavumeleki­le ukuthi bazakhele izimpahla.

Induna yabalandel­i bakaMjikij­elwa Ngubane Ichalaha likaShafuz­a, uSoh Mkhonza ithe umbala o-powder blue abawuseben­zisayo umele amadlelo aluhlaza.

“Ukuba ngumlandel­i kaMjikijel­wa kufana nokuba semadlelwe­ni aluhlaza. Lokhu sikusho ngoba uMjikijelw­a akasukeli muntu kodwa uzishayela ingoma nje kuphela. Kwesinye isikhathi sike siyisebenz­ise neminye imibala njengomhlo­phe nomnyama. Kulokho sisuke silandela indlela ayiyona. Kafushane nje komnyama nomhlophe sisuke silandela izibongo zakhe uma ethi uyinunu emnyama, emhlophe ngemiseben­zi yayo,” kusho uSoh.

Bakhona nabanye abalandeli asebelande­la kulesi sitayela sokugqoka njengabaka­Qhosha abagqoka izikibha ezi-purple.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa