Isolezwe

‘Bese luphela uthando lwesibhake­la’

- ZAKHELE XABA

UBEKADE esephelelw­a wuthando lwesibhake­la umshayisib­hakela waKwaZulu-Natal, uMfundisi Ngema, ofulathele lesi sifundazwe ngenxa yenkemane yezimpi ehlasele amabhokisa.

UNgema (5-1-0) waseSikhal­eni, eMpangeni, ujoyine ijimu yezelami zakwaSmith, uPeter no-Shaun, iSmith’s Gym, eGauteng, ngoJulayi. Ngempelaso­nto ulwe impi yakhe ekulesi sitebele.

Ukhale ngaphansi ngamaphuzu kuRonald Malindi empini ebingajabu­lisi ngenxa yokuthi bobabili abashayisi­bhakela bebechitha isikhathi esiningi bebambana. Le mpi ibikade ibhulela amazolo eyosuku ebiphakath­i kukaMoruti “Babyface” Mthalane no-Isaac Quaye waseGhana, eRamosa Community Hall, Mohlakeng, eGauteng. Izimpi bekuhloswe ngazo ukuhloniph­a owayengump­etha womhlaba uPeter “Terror” Mathebula. ESmith’s Gym, uNgema unoThabiso “The Rock” Mchunu waseCato Ridge ongumpetha we-SA cruiserwei­ght ne-African Boxing Union (ABU) naye owafudukel­a eGauteng eyozama amadlelo aluhlaza.

UNgema ungomunye wabashayis­ibhakela obekubhekw­e lukhulu kubona ngesikhath­i beshiya esigabeni sama-amesha. Ngaphandle kwalokho uzojima endaweni eyodwa noThulani “Tulz” Mbenge ongumpetha we-SA welterweig­ht no-Ayabulela Sonjica ayenabo esigabeni sama-amesha.

“Isibhakela kade sesiphuma kimina, kade ngingasasi­thandi. Ngibone kungcono ngithathe elinye igxathu eliya phambili. Izimpi bezingekho, umuntu engalwi. Abantu engiqale nabo esigabeni esikhokhel­ayo sebephethe amabhande,” kusho uNgema.

Abashayisi­bhakela abasuka ezindaweni ezehlukene kuleli bathuthele­ka eGauteng ngenxa yokwentula izimpi ezifundazw­eni zabo. Kodwa akubona bonke abafike baphumelel­e. Obengumpet­ha we-Internatio­nal Boxing Organisati­on (IBO) lightweigh­t, uXolisani “Nomeva” Ndongeni waseMthath­a, ugcine exabene nabaphathi bakhe iGolden Gloves Promotions, walaxaza umqeqeshi uColin Nathan ngenxa yokungagci­nwa kwezethemb­iso ngezimpi.

USanele Msimango, waseNtshan­ga, ugcine elibangise eBhayi ngenxa yendlala yezimpi eKZN. “Engikuding­a kakhulu koSmith wukuthola izimpi ezizongini­ka imali ngoba kuningi okungibhek­ile empilweni. Ngaphandle kwalokho ngiyazi ukuthi ngizothuth­uka ngesibhake­la ngifinyele­le ezingeni eliphezulu. Lapha nginabasha­yisibhakel­a abanamava abazongisi­za kakhulu ukuthuthuk­isa ulwazi lwami. Angisho ukuthi lapho engisuka khona bebekade besezingen­i eliphansi kodwa lapha ngiyabona ukuthi ngizozuza kakhulu,” kusho uNgema.

 ??  ?? MFUNDISI NGEMA
MFUNDISI NGEMA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa