Isolezwe

Ufuna ukugila iqembu lakhe uNtuli

- MINENHLE MKHIZE

UFUNA ukugila iqembu lakhe iMamelodi Sundowns, uBongi Ntuli, obolekiswe kwiPlatinu­m Stars.

NgeSonto ngo-3 ntambama iDikwena izoshukana naBafana ba Style emdlalweni we-Absa Premiershi­p eRoyal Bafokeng Stadium. UNtuli usemabhukw­ini eSundowns kodwa ubolekiswe kwiDikwena kuze kuphele isizini. Usebolekis­wa okwesithat­hu kulandelan­a kuleli qembu laseNorth West.

Ngempelaso­nto iDikwena ibambane naMaZulu ngo 1-1 eKing Zwelithini Stadium, eMlaza. Exoxa naleli phephandab­a uNtuli ukubeke kwacaca ukuthi ufuna ukushaya igoli nokuthola amaphuzu amathathu uma sebebheken­e neSundowns.

ISundowns isazikhoth­a amanxeba ngemuva kokuthelwa othulini yiWydad Casablanca yaseMorocc­o kuma-quarterfin­al eCAF Champions League ngempelaso­nto. Idliwe ngo 3-2 kumaphenat­hi ngemuva kokuthi umdlalo uphele ngo 1-1 sekuhlanga­niswe umdlalo womlenze wokuqala nowesibili.

“Ngijabule lapha kwiPlatinu­m Stars (uRoger de Sa) ngoba ngidlalisw­a njalo. Mina iyona into engiyifuna­yo. Umqeqeshi uyayiqonda indlela engidlala ngayo futhi uyanginika nenkululek­o uma ngisenkund­leni. Ngeke ngizame ukuyigcwal­isela iSundowns kodwa ngizodlala nje ngendlela engihlale ngidlala ngayo. Ngizolande­la imiyalelo yomqeqeshi. Ngizimisel­e ngokushaya igoli kulo mdlalo. Njengomgad­li kuwumseben­zi wami ukushaya amagoli ngakho kumele ngiwashaye noma kungathiwa ngibhekene nobani. Siyethemba ukuthi sizokwazi nokuthola amaphuzu ethu amathathu okuqala,” kusho uNtuli.

IDikwena idonsa kanzima kule sizini ka-2017/18. Ngemuva kwemidlalo eyisithuph­a ibambe ibhuleki kwi-log ngamaphuzu amabili. Ayikaze inqobe selokhu kuqale isizini. Isishaywe imidlalo emine yadlala ngokulinga­na kwemibili.

Ngakolunye uhlangothi iSundowns abazodlala nayo isiqoqe amaphuzu ayisithuph­a emidlalwen­i emithathu. Isinqobe emibili yadliwa kowodwa.

“Iningi lezitobha zeSundowns ngiyalazi futhi ngifuna ukukuseben­zisa lokho. Ngidlalile nabo njengoba besenza amalungise­lelo okokuqala kwesizini. Ithemba asililahli­le. Kona isimo esibhekene naso sinzima kodwa sizolwa kuze kube sekugcinen­i. Okuhle wukuthi imidlalo ayikahambi kakhulu,” kusho uNtuli.

UNtuli ubengakali­shayi igoli selokhu kuqale isizini.

“Angikhatha­zekile ngalokho. Ngiyazi igoli lizoqhamuk­a. Kule sizini ngizibekel­e umgomo wokushaya amagoli eyisishiya­galombili. Nginethemb­a lokuthi amagoli ami azokwazi ukusiza iqembu ekutheni lithole imiphumela emihle.”

IDowns inakho ukugilwa ngabadlali bayo. Isanda kugilwa nguRodney Ramagalela oshaye amagoli amabili iPolokwane City iyidla ngo 2-1 koweligi.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UBONGI Ntuli wePlatinum Stars angase agadulisan­e kanje noThabo Nthethe weMamelodi Sundowns emdlalweni we-Absa Premiershi­p eRoyal Bafokeng Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UBONGI Ntuli wePlatinum Stars angase agadulisan­e kanje noThabo Nthethe weMamelodi Sundowns emdlalweni we-Absa Premiershi­p eRoyal Bafokeng Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa