Ithuba lokuyozidayisa phesheya kwabaseKZN
BATHOTSHWE izinhliziyo ngohambo lwaphesheya kwezilwandle abafana abancane abebezomela iKwaZulu-Natal kwiDurban Under 19 International Soccer Tournament okwakumele ibe ngoJulayi kodwa yagcina ngokubhuntsha.
Izolo abaphathi beKZN Academy okuyisikhungo laba badlali abangaphansi kwaso futhi abaphathi baso abebeyingxenye yokuhlela umqhudelwano, bamemezele ukuthi isikwati sabo sinohambo lwasePortugal naseSpain ngenyanga ezayo. Phakathi kwamaqembu abazodlala nawo kukhona iSporting Lisbon neVitoria ePortugal bese kuba yi-Atletico eSpain.
Isikwati esabadlali abangu-18 abaqhamuka ezifundeni ezehlukene ezingaphansi kweSafa eKZN.
UCarlos Catalino weKZN Academy, uthe: “Sifuna abafana baye kofunda laphaya, baphinde bathathe leli thuba njengelokuthola umsebenzi.”
Uthe basazama ukukhuluma nohulumeni ngokuthi umqhudelwano ubuye ngonyaka ozayo kodwa uma kungalungi, ngeke baphele amandla bazoqhubeka nokuhambisa abadlali phesheya.
“Sizokwenza konke okusemandleni ukubuyisa umqhudelwano ngoba inhloso wukunika laba bafana ithuba lokudlala nozakwabo bakwamanye amazwe ngokwenza i-Under 19 International Tournament.
Uveze ukuthi omunye wabo osehambile uS’busiso Shibane, ohambe ngeSonto eledlule ukuyohlolwa iSporting Lisbon.
Ithimba labadlali lizohamba ngo-Okthoba 2 kuya ku-Okthoba 12.
Ukaputeni uSiphamandla Nene owenza uGrade12, eKing Shaka High School, eMlazi, uthe: “Akekho umdlali ongalifisi leli thuba. Asifuni ukufika laphaya senze into esingayazi kodwa sizogxila kulokhu esikufundiswa abaqeqeshi.”
Umqeqeshi uSmart Ndlovu uveze ukuthi bafuna ukuncela ulwazi emaqenjini abazodlala nawo.
“ESpain bahle ekudlaleni ibhola, esingakufunda wukuthi sikwazi ukuthatha izinqumo ezisheshayo uma siphethe ibhola. EPortugal ibhola lakhona lidle ngezikhwepha kodwa bahlelekile. Ngethemba ukuthi abadlali bami bazokwazi ukumelena nabo,” kusho uNdlovu.
Laba badlali babe sebephathiswa umphako nawu uNeil Tovey oyinkakha yeBafana Bafana kodwa obemele iSafa kuzwelonke.
“Sesingiyihambile imiqhudelwano yamaqembu ethu amancane, into engiyibonile wukuthi kumele sifunde ukushesha uma siphethe ibhola. Abadlali kumele bazi ukuthi yiziphi izikhala okumele bazivale, nini ngoba angingabazi ukuthi ithalente sinalo. Leli akulona kuphela ithuba labadlali lokuthi bafunde kodwa nabaqeqeshi bangafunda ngezinqumo okumele bazithathe emdlalweni. Nina badlali kumele nisebenzise leli thuba ukudonsa amehlo ezinhloli,” kusho uTovey.