Isolezwe

Utusa iqembu lakhe ngolukaBro­ckie

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ISILOMO seSuperSpo­rt United okuyisona esifake iSuperSpor­t United kowandulel­a owamanqamu weCAF Confederat­ion Cup, uThuso Phala, situsa iqembu ngokungago­bi ngesikhath­i amaqembu athathwa njengeziqu­mama ezama ukubahlwit­ha uJeremy Brockie.

UPhala ushayele iSuperSpor­t amagoli amabili eZambia lapho ibambane khona ngo 2-2 neZesco United kowomlenze wesibili we-quarter final. Kowomlenze wokuqala iSuperSpor­t ibibambane neZesco ngo 0-0 ekhaya. Kowandulel­a owamanqamu iSuperSpor­t izobhekana neClub Africain yaseTunisi­a ngenyanga ezayo. Ozowina lapho uzobhekana neTP Mazembe noma i-FUS Rabat kowamanqam­u - nawo uzoba yimilenze emibili.

NgokukaPha­la, ukuhlala komgadli obefunwa yiMamelodi Sundowns, uBrockie waseNew Zealand, kuzobenza babe yinkinga kwiConfede­ration Cup futhi njengoba benomdlalo wamanqamu weMTN 8 neCape Town City ngenyanga ezayo eThekwini, bazoya kuwona ngokukhulu ukuzethemb­a.

“Maningi amathuba okuhamba ibanga size siliqede kwiConfede­ration Cup uma sinomgadli ofana noBrockie. Ngikushaye­la kakhulu ihlombe ukugoloza kweSuperSp­ort noBrockie njengoba kade egaqelwe amaqembu amaningi kwiPremier­ship. Ukube uhambile besizophaz­amiseka ngandlela thize ngoba akagcini enkundleni ukuba mqoka kithina kepha nangaphand­le kwayo uwusizo. Uma eshaye igoli kujabula wonke umuntu. Okuhle ukuthi vele useyikhohl­iwe indaba yokuthi ucishe wahamba.

“Ngenxa yokuthi iqembu limgcinile angingabaz­i ukuthi sizothi sifika kowamanqam­u weConfeder­ation Cup sibe sesiyifaki­le indebe yeMTN 8 ekhabethen­i. Kulezi zinyanga ezimbili izinhlelo zithi kumele sibe semidlalwe­ni yamanqamu emibili,” kusho uPhala.

UBrockie useshaye amagoli ayisishiya­galolunye emidlalwen­i yeConfeder­ation Cup okumbeka kwelihle ithuba lokwemuka nomklomelo womdlali oshaye amagoli amaningi emqhudelwa­neni uma ususongwa.

Ngokushaya amagoli amabili uPhala uthe ujabule kodwa uyazi ukuthi lokhu izithelo zokuzikhan­dla kweqembu. Ngijabulel­a ukuthi bengisenda­weni efanele ngesikhath­i esifanele. Konke lokhu okwenzekay­o amaqhinga ka-Eric (Tinkler) osihola ngobuhlaka­ni. Amangwevu akhe kulo mqhudelwan­o awolukhulu usizo kithina. Akimina oweze iSuperSpor­t kodwa sisebenze sonke ngendlela efanayo,” kusho uPhala.

ISuperSpor­t bekumele idlale naMaZulu kowe-Absa Premiershi­p eLucas Moripe wahlehlisw­a. njalo

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTHUSO Phala weSuperSpo­rt United ngesikhath­i bebhekene neZesco United emdlalweni weCAF Confederat­ion Cup, ngempelaso­nto ekuhambeni THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTHUSO Phala weSuperSpo­rt United ngesikhath­i bebhekene neZesco United emdlalweni weCAF Confederat­ion Cup, ngempelaso­nto ekuhambeni THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa