Ufuna ukugila iqembu lakhe uNtuli
UFUNA ukugila iqembu lakhe iMamelodi Sundowns, uBongi Ntuli, obolekiswe kwiPlatinum Stars.
NgeSonto ngo-3 ntambama iDikwena izoshukana naBafana ba Style emdlalweni we-Absa Premiership eRoyal Bafokeng Stadium. UNtuli usemabhukwini eSundowns kodwa ubolekiswe kwiDikwena kuze kuphele isizini. Usebolekiswa okwesithathu kulandelana kuleli qembu laseNorth West.
Ngempelasonto iDikwena ibambane naMaZulu ngo 1-1 eKing Zwelithini Stadium, eMlaza. Exoxa naleli phephandaba uNtuli ukubeke kwacaca ukuthi ufuna ukushaya igoli nokuthola amaphuzu amathathu uma sebebhekene neSundowns.
ISundowns isazikhotha amanxeba ngemuva kokuthelwa othulini yiWydad Casablanca yaseMorocco kuma-quarterfinal eCAF Champions League ngempelasonto. Idliwe ngo 3-2 kumaphenathi ngemuva kokuthi umdlalo uphele ngo 1-1 sekuhlanganiswe umdlalo womlenze wokuqala nowesibili.
“Ngijabule lapha kwiPlatinum Stars (uRoger de Sa) ngoba ngidlaliswa njalo. Mina iyona into engiyifunayo. Umqeqeshi uyayiqonda indlela engidlala ngayo futhi uyanginika nenkululeko uma ngisenkundleni. Ngeke ngizame ukuyigcwalisela iSundowns kodwa ngizodlala nje ngendlela engihlale ngidlala ngayo. Ngizolandela imiyalelo yomqeqeshi. Ngizimisele ngokushaya igoli kulo mdlalo. Njengomgadli kuwumsebenzi wami ukushaya amagoli ngakho kumele ngiwashaye noma kungathiwa ngibhekene nobani. Siyethemba ukuthi sizokwazi nokuthola amaphuzu ethu amathathu okuqala,” kusho uNtuli.
IDikwena idonsa kanzima kule sizini ka-2017/18. Ngemuva kwemidlalo eyisithupha ibambe ibhuleki kwi-log ngamaphuzu amabili. Ayikaze inqobe selokhu kuqale isizini. Isishaywe imidlalo emine yadlala ngokulingana kwemibili.
Ngakolunye uhlangothi iSundowns abazodlala nayo isiqoqe amaphuzu ayisithupha emidlalweni emithathu. Isinqobe emibili yadliwa kowodwa.
“Iningi lezitobha zeSundowns ngiyalazi futhi ngifuna ukukusebenzisa lokho. Ngidlalile nabo njengoba besenza amalungiselelo okokuqala kwesizini. Ithemba asililahlile. Kona isimo esibhekene naso sinzima kodwa sizolwa kuze kube sekugcineni. Okuhle wukuthi imidlalo ayikahambi kakhulu,” kusho uNtuli.
UNtuli ubengakalishayi igoli selokhu kuqale isizini.
“Angikhathazekile ngalokho. Ngiyazi igoli lizoqhamuka. Kule sizini ngizibekele umgomo wokushaya amagoli eyisishiyagalombili. Nginethemba lokuthi amagoli ami azokwazi ukusiza iqembu ekutheni lithole imiphumela emihle.”
IDowns inakho ukugilwa ngabadlali bayo. Isanda kugilwa nguRodney Ramagalela oshaye amagoli amabili iPolokwane City iyidla ngo 2-1 koweligi.