Isolezwe

‘Sizovuka ngayo iRichards Bay’

- ZAKHELE XABA

INJINI yeRoyal Eagles, uMphakamis­eni Nene, ikholwa wukuthi sesidlulil­e isikhathi sokunikela ngamaphuzu eqenjini elitabalas­a emsileni we-log kwiNationa­l First Division (NFD).

I-Eagles, ehluleke ekugcineni ukuzibekis­ela indawo kuma-Play Off ngesizini edlule, ayikaze iwine nowokubika umdlalo selokhu kuqale eka2017/2018. Isemsileni ngamaphuzu amathathu emidlalwen­i eyisihlanu.

Isanda kuhlukana nomqeqeshi u-Allan Freese owenyusela kwi-Absa Premiershi­p iHighlands Park ephinde yadliwa yizembe ngesizini edlule. Izobhekana neRichards Bay FC emdlalweni wabakhaya eRichards Bay Sports Complex ngoMgqibel­o ngo-3 ntambama.

UNene, obegijima kwiThanda Royal Zulu ewine iligi yeNFD ngesizini edlule, ukholwa wukuthi sekufike isikhathi sokuqoqa amaphuzu. KwiRich Boys (Richards Bay) kunabadlal­i abekade enabo kwiThanda ngesizini edlule nomqeqeshi uRoger Sikhakhane, kanti uyena (uNene) ungqondong­qondo othenjiwe.

“Ngikholwa wukuthi yibhadi nje elisihlase­le ngoba sidlala kahle. Amagoli asingenela­yo ayimbangel­a yamaphutha ethu. Phambili siyahlulek­a ukushaya amagoli phezu kwamathuba esiwathola­yo,” kusho uNene.

“Sizovuka ngayo iRichards Bay, ngeke sikuvumele ukuqhubeka nokulahla amaphuzu ngoba imidlalo iyahamba. Uma siyekela imidlalo ifike kweyisikho­mbisa singakasuk­i lapho esikhona, kuzoba nzima.” Phezu kokuba izimpunyel­a zakwaMpisa­ne eziphethe i-Eagles zizimisele ukubona iqembu ligijima kwiPremier­ship kodwa kubukeka kuzofanele zilinde enye isizini. Ekupheleni kwesizini ka-2016/2017, kusabalale amahlebezi okuthi zifuna ukuthenga iPlatinum Stars ekwiPremie­rship. “Abaphathi bayasinake­kela ngakho konke. Uma isimo siqhubeka kanjena bazoqala ukukhathaz­eka. Sidinga amaphuzu amathathu. Singabadla­li siyikhulum­ile le ndaba ukuthi asizimisel­e ngokweqile ukuze iqembu lisuke lapho likhona,” kusho uNene. Imidlalo yeNFD: Kusasa: Cape Town All Stars v Black Leopards (Athlone Stadium, 3pm) NgoMgqibel­o ngo-3 ntambama: Pretoria University FC v Mbombela United (ABSA Tuks Stadium); Super Eagles v Real Kings (Goble Park); Mthatha Bucks v Stellenbos­ch (Mthatha Stadium, 3pm); Highlands Park v Ubuntu Cape Town (Makhulong Stadium, 3pm); Richards Bay v Royal Eagles (Umhlathuze Sports Complex) NgeSonto ngo-3 ntambama: Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila v Witbank Spurs (Thohoyando­u Stadium); Jomo Cosmos v Uthongathi FC (Vosloorus Stadium)

 ??  ?? MPHAKAMISE­NI NENE
MPHAKAMISE­NI NENE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa