Isolezwe

Ithuba lokuyozida­yisa phesheya kwabaseKZN

- LUNGILE MAJOKA

BATHOTSHWE izinhliziy­o ngohambo lwapheshey­a kwezilwand­le abafana abancane abebezomel­a iKwaZulu-Natal kwiDurban Under 19 Internatio­nal Soccer Tournament okwakumele ibe ngoJulayi kodwa yagcina ngokubhunt­sha.

Izolo abaphathi beKZN Academy okuyisikhu­ngo laba badlali abangaphan­si kwaso futhi abaphathi baso abebeyingx­enye yokuhlela umqhudelwa­no, bamemezele ukuthi isikwati sabo sinohambo lwasePortu­gal naseSpain ngenyanga ezayo. Phakathi kwamaqembu abazodlala nawo kukhona iSporting Lisbon neVitoria ePortugal bese kuba yi-Atletico eSpain.

Isikwati esabadlali abangu-18 abaqhamuka ezifundeni ezehlukene ezingaphan­si kweSafa eKZN.

UCarlos Catalino weKZN Academy, uthe: “Sifuna abafana baye kofunda laphaya, baphinde bathathe leli thuba njengeloku­thola umsebenzi.”

Uthe basazama ukukhuluma nohulumeni ngokuthi umqhudelwa­no ubuye ngonyaka ozayo kodwa uma kungalungi, ngeke baphele amandla bazoqhubek­a nokuhambis­a abadlali phesheya.

“Sizokwenza konke okusemandl­eni ukubuyisa umqhudelwa­no ngoba inhloso wukunika laba bafana ithuba lokudlala nozakwabo bakwamanye amazwe ngokwenza i-Under 19 Internatio­nal Tournament.

Uveze ukuthi omunye wabo osehambile uS’busiso Shibane, ohambe ngeSonto eledlule ukuyohlolw­a iSporting Lisbon.

Ithimba labadlali lizohamba ngo-Okthoba 2 kuya ku-Okthoba 12.

Ukaputeni uSiphamand­la Nene owenza uGrade12, eKing Shaka High School, eMlazi, uthe: “Akekho umdlali ongalifisi leli thuba. Asifuni ukufika laphaya senze into esingayazi kodwa sizogxila kulokhu esikufundi­swa abaqeqeshi.”

Umqeqeshi uSmart Ndlovu uveze ukuthi bafuna ukuncela ulwazi emaqenjini abazodlala nawo.

“ESpain bahle ekudlaleni ibhola, esingakufu­nda wukuthi sikwazi ukuthatha izinqumo ezisheshay­o uma siphethe ibhola. EPortugal ibhola lakhona lidle ngezikhwep­ha kodwa bahlelekil­e. Ngethemba ukuthi abadlali bami bazokwazi ukumelena nabo,” kusho uNdlovu.

Laba badlali babe sebephathi­swa umphako nawu uNeil Tovey oyinkakha yeBafana Bafana kodwa obemele iSafa kuzwelonke.

“Sesingiyih­ambile imiqhudelw­ano yamaqembu ethu amancane, into engiyiboni­le wukuthi kumele sifunde ukushesha uma siphethe ibhola. Abadlali kumele bazi ukuthi yiziphi izikhala okumele bazivale, nini ngoba angingabaz­i ukuthi ithalente sinalo. Leli akulona kuphela ithuba labadlali lokuthi bafunde kodwa nabaqeqesh­i bangafunda ngezinqumo okumele bazithathe emdlalweni. Nina badlali kumele nisebenzis­e leli thuba ukudonsa amehlo ezinhloli,” kusho uTovey.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa