Bacijwe ngesiZulu aboKhozi FM
BAHLALISWE phansi bafundiswa kabanzi ngokusetshenziswa kolimi lwesiZulu abasakazi besiteshi esihamba phambili kuleli Ukhozi FM.
Abasakazi, abadidiyeli ngisho nabaphathi imbala bebehlangene esikhungweni semfundo ephakeme e-UKZN ophikweni lwayo, i-Howard College izolo. Umphathi siteshi uMnuz Bonga Mpanza, uthe ukufundiswa kwabo ulimi lwesiZulu kusuke kuyingxenye yokucija abasakazi okuyinto esazoqhubeka. “Akuyona into entsha ukuqeqeshwa kwabasakazi ngoba phela ulimi sisebenza ngalo kakhulu emsakazweni. Kubalulekile ukuthi sihlale siqinisekisa ukuthi silusebenzisa ngendlela ulimi lwesiZulu,” kusho uMpanza.
Ebuzwa ukuthi ngabe bakwenza lokhu ngoba bethuswe yisikhalo seMbube, uthe bebevele benalo uhlelo lokucija abasakazi ngaphandle kwesikhalo seSilo. Uthe abasithathanga kabi isikhalo seSilo, bayawuhlonipha umbono waso.
“Siyakwemukela okwashiwo iSilo. Siyakuncoma ukuthi siyibhekile indlela esenza ngayo izinto. Lolu hlelo beluvele lukhona kuyinto esikade sayihlela,” kusho uMpanza. Uqinisekise nokuthi izifundo zesiZulu zihlinzekwa yisikhungo i-UKZN emkhakheni wezoLimi. Umqondisi emkhakheni wezoLimi kulesi sikhungo uDkt Langa Khumalo, uthe kuyintokozo kubona ukubambisana nomsakazo omkhulukazi kuleli, ekuqinisekiseni ukuthi ulimi lwesiZulu lusebenza ngendlela efanele.
Uthe kwabathinta beyisikhungo ukuzwa iSilo sikhalaza ngokusebenza kolimi emsakazweni.
Uthe bayafisa ukuthi ulimi kube yinto ehlala ifundwa ngaso sonke isikhathi ukuze abantu baziqhenye ngolimi lwabo.
“Inhloso yethu ukuthi lokhu kubambisana kungapheli kodwa kube yinto ezohlala yenzeka. Sizobe sibophele ongoti bolimi kulolu hlelo,” kusho uLanga.
Uthe kuzobe kukhona noDkt Mpumelelo Mbatha ongungoti wolimi lwesiZulu nabanye abazobamba iqhaza.