Uneke amahlazo ngeHarry Gwala
UGEQE amagula ngenkohlakalo komasipala baseHarry Gwala omunye wabangani wowayenguNobhala wophiko lwentsha kwi-ANC kuzwelonke uMnuz Sindiso Magaqa, uMnuz Thabiso Zulu, othi amanye amakhansela aboshelwa ukudla imali yesondlo sabantwana emnyangweni wezenhlalakahle ekubeni ehola imali enkulu.
UZulu uveze namahlazo esinye sezikhulu ze-ANC kulesi sifunda, esadlwengula owabesifazane owayefuna ukuba yikhansela kodwa wangathi vu ngoba esaba ukuthi ngeke asithole isikhundla. Uthe lo wesifazane ambize ngegama wamhlebela ukuthi uyasaba ukuvula icala noma ambike lo mholi ngoba wayezolahlekelwa isinkwa, izingane zakhe zilambe.
“Ngathuka engitshela ukuthi udlwenguliwe. Isikhulu sangena egunjini lakhe ehhotela samdlwengula. Ngalubika udaba kwezinye izikhulu ze-ANC eHarry Gwala kodwa akwenzekanga lutho, ngajika ngaba mubi,” kusho uZulu.
Uthe idliwa bume imali emkhandlwini engaphansi kwalesi sifunda.
“Imali idliwa bume, kunesisebenzi esafakelwa u-R200 000 okwathiwa asiyowukhipha sinike isikhulu esithile sikamasipala. Ngakusasa kwafakwa enye imali engaphezulu kuka-R100 000, kathiwa awunikwe ikhansela elithile, imali iyadliwa bese sihlaba umkhosi ngayo kodwa izinto zihambe kancane. Umsebenzi uhola u-R10 000 ngenyanga kodwa kufakwa imali engaka, nebhange alibuzi ukuthi kungani ethole imali engaka izinsuku zilandelana ngoba kwabona abasebenzi basemabhange bakhohlakele,” kusho uZulu.
Ukusho lokhu efakaza kwikhomishini ephenya ngokubulawa kosopolitiki iMoerane eThekwini.
Uthe inkohlakalo ubeyibika kuzona zonke izinhlaka, kuhulumeni, kwi-ANC nakumvikeli womphakathi imbala.
“Okubuhlungu wukuthi amakhansela aboshwa ngoba eqole imali kahulumeni yakwaSassa, abuyela emsebenzini. Indaba yawo yake yakhulunywa ebuholini obuphezulu be-ANC esifundazweni. Elinye lalawa makhansela lalihamba nge-Rav 4, lihola enhle imali litamuza nemali kahulumeni,” kusho uZulu.
Uthe amaphoyisa ayenzelela uma kungamacala athinta abezepolitiki.
“Amanye awo adla ngosopolitiki, ahluleke ukubabopha. Elinye laphenya, kwaphela izinyanga eziyisithupha labuya lathi kumele sihlanganise imali ukuze imantshi izosheshisa. Samane saphela amandla ngalolo phenyo,” kusho uZulu.
Uthe kudingeka kuhlolwe abazoba yizimenenja zomasipala ngoba kukhona enye eyaqashwa inamacala okudla imali. UZulu uzoqhubeka nobufakazi namhlanje lapho kulindeleke ukuthi akhulume ngomkhonyovu wokulungiswa kabusha kwehholo laseMzimkhulu, uMagaqa ayeshaya amakhala ngakho ekhala ngenkohlakalo.