Isolezwe

Uneke amahlazo ngeHarry Gwala

- MHLENGI SHANGASE

UGEQE amagula ngenkohlak­alo komasipala baseHarry Gwala omunye wabangani wowayenguN­obhala wophiko lwentsha kwi-ANC kuzwelonke uMnuz Sindiso Magaqa, uMnuz Thabiso Zulu, othi amanye amakhansel­a aboshelwa ukudla imali yesondlo sabantwana emnyangwen­i wezenhlala­kahle ekubeni ehola imali enkulu.

UZulu uveze namahlazo esinye sezikhulu ze-ANC kulesi sifunda, esadlwengu­la owabesifaz­ane owayefuna ukuba yikhansela kodwa wangathi vu ngoba esaba ukuthi ngeke asithole isikhundla. Uthe lo wesifazane ambize ngegama wamhlebela ukuthi uyasaba ukuvula icala noma ambike lo mholi ngoba wayezolahl­ekelwa isinkwa, izingane zakhe zilambe.

“Ngathuka engitshela ukuthi udlwenguli­we. Isikhulu sangena egunjini lakhe ehhotela samdlwengu­la. Ngalubika udaba kwezinye izikhulu ze-ANC eHarry Gwala kodwa akwenzekan­ga lutho, ngajika ngaba mubi,” kusho uZulu.

Uthe idliwa bume imali emkhandlwi­ni engaphansi kwalesi sifunda.

“Imali idliwa bume, kunesisebe­nzi esafakelwa u-R200 000 okwathiwa asiyowukhi­pha sinike isikhulu esithile sikamasipa­la. Ngakusasa kwafakwa enye imali engaphezul­u kuka-R100 000, kathiwa awunikwe ikhansela elithile, imali iyadliwa bese sihlaba umkhosi ngayo kodwa izinto zihambe kancane. Umsebenzi uhola u-R10 000 ngenyanga kodwa kufakwa imali engaka, nebhange alibuzi ukuthi kungani ethole imali engaka izinsuku zilandelan­a ngoba kwabona abasebenzi basemabhan­ge bakhohlake­le,” kusho uZulu.

Ukusho lokhu efakaza kwikhomish­ini ephenya ngokubulaw­a kosopoliti­ki iMoerane eThekwini.

Uthe inkohlakal­o ubeyibika kuzona zonke izinhlaka, kuhulumeni, kwi-ANC nakumvikel­i womphakath­i imbala.

“Okubuhlung­u wukuthi amakhansel­a aboshwa ngoba eqole imali kahulumeni yakwaSassa, abuyela emsebenzin­i. Indaba yawo yake yakhulunyw­a ebuholini obuphezulu be-ANC esifundazw­eni. Elinye lalawa makhansela lalihamba nge-Rav 4, lihola enhle imali litamuza nemali kahulumeni,” kusho uZulu.

Uthe amaphoyisa ayenzelela uma kungamacal­a athinta abezepolit­iki.

“Amanye awo adla ngosopolit­iki, ahluleke ukubabopha. Elinye laphenya, kwaphela izinyanga eziyisithu­pha labuya lathi kumele sihlangani­se imali ukuze imantshi izosheshis­a. Samane saphela amandla ngalolo phenyo,” kusho uZulu.

Uthe kudingeka kuhlolwe abazoba yizimenenj­a zomasipala ngoba kukhona enye eyaqashwa inamacala okudla imali. UZulu uzoqhubeka nobufakazi namhlanje lapho kulindelek­e ukuthi akhulume ngomkhonyo­vu wokulungis­wa kabusha kwehholo laseMzimkh­ulu, uMagaqa ayeshaya amakhala ngakho ekhala ngenkohlak­alo.

 ?? Isithombe:MHLENGI SHANGASE ?? UMNUZ Thabiso Zulu, obegeqa amagula ngenkohlak­alo nezinto ezenzeka esifundeni iHarry Gwala
Isithombe:MHLENGI SHANGASE UMNUZ Thabiso Zulu, obegeqa amagula ngenkohlak­alo nezinto ezenzeka esifundeni iHarry Gwala
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa