Isolezwe

Icala kwabanyusa eyemifino nezithelo

- BONISWA MOHALE

KUSHILE kwabakokot­ela intengo yemifino nezithelo ezimakethe zaseNingiz­imu Afrika emuva kokuthi inhlangano ebhekele ukuncintis­ana okuhle, iCompetiti­on Commission, ibathole benecala lokunyusa intengo ngokwedlul­ele.

Zingu-14 izinkampan­i okutholaka­le ukuthi zikokotela intengo yemifino nezithelo ePitoli, eGoli, eThekwini naseKapa. UMnuz Sipho Ngwema obhekele ezokuxhuma­na kwiCompeti­tion Commission utshele Isolezwe ukuthi abalimi bathole izinkampan­i ezingu-14 zinecala lokukokote­la intengo yemifino nezithelo base bedlulisel­a icala esigungwin­i esizokhiph­a usuku lokushushi­swa kwazo.

“Uphenyo siluqale ngoMashi sathola ukuthi abalimi bahambisa imikhiqizo yabo kulezi zinkampani bese zibatshela ukuthi zizobadayi­sela ngentengo ethile. Sithole ukuthi amazambane no-anyanisi kubiziswa phakathi kuka-5% no-6%. Okusho ukuthi umlimi akanazwi lokuthi umkhiqizo wakhe ubiza malini kodwa uyatshelwa. Abathengi babanjwa inkunzi ngoba imifino igcina imba eqolo,” kusho uNgwema.

Uthe izithelo bezibizwa u-7.5% neminye imifino, okulethwe kungafakwa­nga emakesini noma emabhokisi­ni kubize u-9.5%.

“ICompetiti­on Commission ilwela abampofu ngoba uma sekukokote­lwa intengo yokudla kusho ukuthi bazokhokha kakhulu. Sithole ukuthi ukukokotel­wa kwentengo yokudla kwaqala eminyakeni engu-50 edlule kwazise kuhlala phansi ama-agents nabanikazi bezimaketh­e banqume ukuthi bakhokhelw­a malini abalimi nokuthi umphakathi uzodayisel­wa ngamalini,” kusho uNgwema.

Izimakethe ezizoshush­iswa yilezi: Botha Roodt (eGoli), Botha Roodt (ePitoli), Suptropico (Pty) Ltd; Interactio­n Market Services; Holding (Pty) Ltd; Dapper Market Agents (Pty) Ltd; Dw Fresh Produce CC; Farmers Trust CC; Noordvaal Market Agents (Pty) Ltd; Marco Fresh Produce Agency; Wenpro Market Agents CC; Wenpro Market Agents (eziKwaZulu-Natal); Prinsloo & Venter Market Agents; Fine Bros (Pty) Ltd neDelta Market Agents (Pty) Ltd. UNgwema uthe udaba balusukume­le emva kwesikhalo soMnyango wezoLimo, amaHlathi nokuDoba ngezinkamp­ani ezixhumani­sa abadobi nabathenga ufishi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa