‘Akuthathwe umshwalense wezindlu’
ABANTU badonswe ngendlebe ukuthi babe nomshwalense wezindlu, izimoto nowempilo emuva kwezikhukhula ezishiye kukhalwa KwaZulu-Natal naseGauteng.
UNkk Marike van Niekerk, iMenenja ebhekelele ezomthetho kwa-MUA Insurance, uthe abantu baKwaZulu-Natal naseGauteng balinyalelwe yimizi ngenxa yemvula futhi abaningi sebefake izicelo zokunxeshezelwa yimishwalense yabo.
“Uma umuzi wakho nemoto kwenzakaliswe yimvula kufanele usheshe ubike ngoba uma uthatha isikhathi eside ungazithola ususenkingeni yokuzilungisela wena okonakele.”
Udonse abantu ngendlebe ukuthi bazi ukuthi umshwalense wabo uzobasiza ngani uma besenkingeni.
Uthe kufanele bathathe izithombe zokwenzekile ukuze bakwazi ukuba nayo yonke imininingwane uma sebebuzwa imibuzo ngabomshwalense.
“Uma uthole usizo emaphoyiseni kubalulekile ukuthi ugcine imininingwane yawo neyombiko owenze kuwo. Lokhu kuyasiza uma usuchazela abomshwalense ngokwenzekile. Abantu sicela bakhulume iqiniso uma befuna isinxephezelo kumshwalense ngoba uma beqamba amanga ngeke bakhokhelwe.”
UMnuz Hennie Nortje, isikhulu se-Old Mutual Insure ebhekelele ukunxeshezelwa kwabantu, uthe selokhu kube nezikhukhula eGauteng naKwaZulu-Natal bathole izicelo zokunxeshezelwa ezingaphezu kuka-R15 million kubantu abanomshwalense wezindlu nezimoto.