Ingase iphazanyiswe imihlangano ye-ANC?
KUSOLWA ukuthi izophazanyiswa imihlangano yamagatsha e-ANC eKZN angahambisani noDkt Nkosazana Dlamini Zuma njengoba kulungiselelwa ingqungquthela ebhekwe ngabomvu kaDisemba.
Izinsolo zivele embhalweni osatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesibili. Imihlangano yamagatsha kulindeleke ukuba iqale ukuba khona kule mpelasonto.
Embhalweni kuthiwa kuzosuswa umsindo emhlanganweni yamagatsha abonakala ukuthi ahambisana nePhini likaMengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, ukuze ugcine ungaphumelelanga umhlangano.
Kuthiwa izithunywa ezizobe ziqaphe imihlangano zizoqale zihlangane namakhansela ukuze azinike umyalelo wokuthi uhlelo luzohamba kanjani ngaphakathi uma sekukhethwa.
Unobhala w-ANC KwaZuluNatal, uMnuz Super Zuma ukuqinisekisile ukuthi amagatsha amaningi azoqala ukuhlangana kule mpelasonto.
UNtuli uzichithile izinsolo ezithi amagatsha angahambisani nabaholi abathile imihlangano yawo izophazanyiswa.
Ethintwa izolo, okhulumela uhlangothi olweseka uRamaphosa eKZN, uMnuz Sthembiso Mshengu, uthe bebengakawuboni umbhalo okuthiwa uqukethe izinsolo.
“Angifuni ukuqagela ukuthi sizokwenzani, sobona ngoba sekwenzeka,” kusho uMshengu.
Amaqabane athintwe yiSolezwe emagatsheni ehlukene nawo athe abengakezwa ngezinsolo ezithi kuzophazanyiswa imihlangano yamagatsha aseka uRamaphosa eKZN.
“Zimbi lezo zindaba ngoba kumele imihlangano ibe khona ngaphandle kokuthi kube khona ukugxambukela,” kusho elinye iqabene elingeke lize lidalulwe ngoba alivumelekile ukukhuluma nabezindaba.
IKZN yisifundazwe esikhulu kunazo zonke ze-ANC kanti iyona futhi ehambisa izithunywa eziningi uma kunezingqungquthela zokukhetha ubuholi kuzwelonke. Engqungqutheleni kaDisemba iKZN izohambisa izithunywa eziwu-870.
Ngenxa yobuningi bamalungu ayo iKZN iyona eba nezwi ezingqungqutheleni zokukhetha ubuholi bukazwelonke.
ITheku yisona sifunda esikhulu kunazo zonke eKZN nesaphumela obala sathi leseka uDkt Dlamini Zuma ekutheni kube nguyena umengameli olandelayo. ITheku linama-ward awu-110. I-ward enkulu kunawo wonke eThekwini u-ward 1 KwaXimba.
Ikhansela lika-ward 1, uMnuz Musa Mkhize, lihamba noDkt Dlamini Zuma.