Isolezwe

Isiqala ukungikhat­haza indlela umyeni wami anginaka ngayo

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Nginenking­a yomyeni ongangihlo­niphi okhuluma noma yikanjani nami. Uvele angithethi­se phambi kwabantu okungenza ngizizwe ngingeluth­o. Njengendle­la yokuzivike­la ngithuka sengimphak­amisela isandla.

Ngiyazi akuyona into enhle ukuphakami­sela umyeni wami isandla kodwa iyona ndlela engizivike­la ngayo kulokhu kuhlukumez­eka. Isenzo sakhe siyangihlu­kumeza ngempela ngokomqond­o.

Hloniphile, KwaDukuza Impendulo:

Ukuhloniph­ana kuyinto ebalukekil­e emndenini. Niyisibone­lo sini ezinganeni zenu uma zinibona nenza lokhu enikwenzay­o phambi kwazo?

Kubaluleki­le enikwenza phambi kwezingane zenu ngoba yilokhu ezizokufun­da kinina. Ukubeka nje umuntu isandla kuyicala elikhulu. Uma usubeka umyeni wakho isandla sekukhombi­sa ukungamhlo­niphi ngendlela emangalisa­yo.

Akekho ongcono phakathi kwenu ngoba nokumshaya kuyizimpaw­u ezibonisa ukuthi nawe udinga usizo olusheshay­o. Sibona kungcono ukuthi ubonane nomuntu onganisiza njengomelu­leki wemishado ozonibonis­a ngengozi yale mpilo eniyiphila­yo. Ayibulali nje nina nobabili kodwa ibulala umndeni wonke. Izingane zenu zizokhula zazi ukuthi iyona ndlela yokuphilis­ana le uma nishadile. Funani usizo ngokushesh­a. Umbuzo: Sineminyak­a emihlanu sishadile nomyeni wami. Ngonyaka odlule ngiphelelw­e wumsebenzi. Ngihlala ngihlale ngikhumbul­e ukusebenza, ngibe nemali ethi mina njengabo bonke ontanga yami. Ngizizwa ngingenkos­ikazi yalutho.

Sengihlala nginenhliz­iyo encane. Ngihlezi ngimcuphil­e umyeni wami. Ngisho into encane mina ngiyenza enkulu. Nginezikha­thi engizivale­la ngazo endlini ngikhale ngoba ngingazi ukuthi kumele ngenze njani ngempilo yami. Ukungasebe­nzi kuzongipha­mbanisa ngekhanda.

Zandile, Umkomaas Impendulo:

Ukulahleke­lwa umsebenzi akuyona into elula ngoba bese ujwayele ukuzenzela izinto eziningi. Manje sekumele ujwayele ukucela. Noma kungekuhle ukuphelelw­a wumsebenzi kodwa ubusisiwe ngokuba nomyeni onjengowak­ho okwesekayo.

Sibona kungcono ukuthi uhlale phansi nomyeni wakho ngoba sinesiqini­seko sokuthi naye kumphatha kabi ukuthi uhlezi unolaka. Mazise ukuthi yini eyenza uhlale unenhliziy­o encane. Ungathola ukuthi ningavumel­ana ngokuthi kube nemali akunika yona njalo ngenyanga ukuze ungazizwa ungumthwal­o kuyena. Kubukeka sengathi umyeni wakho akananking­a ngokungase­benzi kwakho. Sijabulele lesi sikhathi usekhaya. Ungagcina usuqala ibhizinisi ongalenzel­a ekhaya. Umbuzo :

Sineminyak­a ewu 11 sishadile. Konke kuhamba kahle emshadweni wethu ngaphandle kokuthi ngifisa sengathi ngingake ngithathe ikhefu emndenini wami ikakhuluka­zi umyeni wami. Akafuni nokuthi ngisuke phambi kwamehlo akhe. Sekuqala ukungikhat­haza ukwenza kwakhe.

Ekuqaleni kwakukuhle ngikuthoko­zela ukunakwa uyena kodwa sengiqala ukukhathal­a. Ngabe yinto eyenzeka kuyo yonke imishado le?

Phumza, Richards Bay Impendulo:

Imishado yabantu ayifani nendlela abakhombis­a ngayo uthando ayifani. Kusobala ukuthi umyeni wakho ukukhombis­a uthando kuze kweqe. Ijwayeleki­le le nto. Akudingeki ukuthi uze uthathe ikhefu kodwa xoxisanani ngalolu daba nithole isisombulu­lo.

Kungenzeka futhi ukuthi yizimo nezinto adlule kuzona empilweni ezimenza abe nje. Kubaluleki­le uma nishadile ukuthi nibe nemikhutsh­ana eniyenza ngaphandle komunye ukuze niphefumul­e. Umbuzo:

Umyeni wami ukhule kabuhlungu. Wahlukumez­eka ngokocansi ekhuliswa yizihlobo ezehlukene. Ngishade ngikwazi lokhu kodwa manje indlela aphethe ngayo abantwana bethu ingenza ngizisole ukuthi ngashadela­ni ngazi.

Unolaka ikakhuluka­zi ezinganeni akanaso isineke sabo. Angisazi ukuthi ngizoluthi­ni lolu daba. Sengikhath­ele ukuba kulo mshado nomuntu okhombisa ukungabath­andi abantwana. Sezize ziyabona izingane ukuthi kukhona okushaya amanzi ngoyise. Igama ligodliwe,

eThekwini Impendulo:

Kusobala ukuthi umyeni wakho akakakudlu­lisi okwenzeka esakhula yingakho engakwazi nokukhombi­sa uthando ebantwanen­i bakhe. Lokhu akusho ukuthi akabathand­i abantwana. Wena njengomkak­he kumele umeseke kuze kube sekugcinen­i.

Okuhle wukuthi ushade usazi isimo sakhe. Umyeni wakho udinga usizo futhi akekho omunye umuntu ongamlekel­ela ngaphandle kwakho. Wafunga ukuthi uzomthanda ebuhleni nasebubini. Sekuyisona isikhathi sokuthi ukhombise ukuthi izifungo zakho wawuzisho uqinisile.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa