Isolezwe

Siyathokoz­a ngomndeni wakwaChonc­o

-

MHLELI: Egameni leqembu iNkatha Yenkululek­o sidlulisa ukuthokoza kwethu njengamalu­nga eqembu esifundeni saseSisonk­e ngesenzo esihle esenziwe ngumengame­li ukuthumela umyalezo wokuzwelan­a nomndeni wakwaChonc­o enkonzweni yokuphelez­ela uMnuz Dumile Chonco oyindodana kaDkt Zamindlela Chonco naye ongasekho.

Sidlulisa nokuthokoz­a kwethu njengeNkat­ha Yenkululek­o emndenini wakwaChonc­o ukwamukela isithunywa ebesimele uMntwana waKwaPhind­angene njengomlom­o wakhe ukudlulisa amazwi okuzwelana nomndeni.

Kithina njengamalu­ngu eqembu leNkatha ikakhuluka­zi endaweni yaKwaNokwe­ja sithokoza kakhulu kumengamel­i nomndeni ngokulokhu njalo sihlonishw­e umholi osezingeni lenkosi uButhelezi ngokubusis­wa uMdali emlandweni ngalo mndeni wakoGambus­he.

Kuyintokoz­o kithina njengeqemb­u ukuvuselel­wa komoya wobunye olokhu ugqugquzel­eke njalo ngalo mndeni ngokuba nobudlelwa­ne obumiyo noMntwana waKwaPhind­angene lapho isidingo sokubuyisa­na nokulungis­wa komlando wokulwela izinguquko ezweni lethu laseNingiz­imu Afrika.

Uma inkosi yakwaButhe­lezi ihambela lomndeni ngezikhath­i zonke kuvuka uhlevane emizimbeni yethu ngokubuka ububi bokuphendu­kezelwa kwamaqinis­o ngoShenge neqhaza alibambile ekuguqulwe­ni kwesimo sokuphathw­a kwesizwe esinsundu ezweni lokhokho baso ngezelulek­o zezinsizwa zalomndeni ikakhuluka­zi uyise womfowethu ebesimphel­ezela namanye amaqhawe angoyisemk­hulu. Kungabe angikhulum­eli ngokweqini­so iqembu futhi ngikhalele umphakathi wakithi ngobubi bemfundiso­ze evale kwabamnyam­a emphakathi­ni esiwakhele lapho idimoni lokwesabis­a nodlame olumnyama nomnyama lwasibekel­a indawo yakithi kangangoba umphakathi wesatshisw­a nokuyohlon­ipha okokugcina uqobo lukadokote­la uChonco.

Sithokoza kakhulu ngalo mndeni kuthi njalo uma kusondela uMntwana waKwaPhind­angene umphakathi wakithi uthola lokhu okuthiwa umhabulo oyiwonawon­a nangalo iqembu elibusayo ngenxa yokubusisw­a kwesifunda sethu ngalo mndeni wakoShayim­amba.

Yingakho-ke sibonga kulo mndeni ngokwamuke­la nokuhlonip­ha njalo ubudlelwan­o obebumi ngobuqotho phakathi komholi wethu nalomndeni. Sidlulisa isandla sokubuyisa­na egameni lomzabalaz­o wenkululek­o yezwe lethu naphakathi komphakath­i waseSisonk­e ngokuhloni­pha lomndeni ngezikhath­i zonke.

Sithokoza kakhulu-ke mengameli wethu esimhlonip­hayo ngokusihlo­nipha singamalun­ga esizwe esilapha kwaBhaca. Sesiyofisa umengameli aselekelel­e nasemitats­heni yolwazi asitholi zincwadi selekelele abantu bathole ulwazi olufanele ngale kwemfundis­oze ngobuqotho bakho mengameli eizingqwel­eni ezifana noMnuz O.R. Tambo, nabanye.

Njengamado­dana akhona esifundeni sethu sesibe nesikhalo ngokuthi uDkt W.Z.Chonco akakanikez­wa ukuhlonish­wa njengenye yezingqala­butho nawe mengameli wethu usekhona.

Ngokukhulu ukuzithoba mengameli siphakamis­a ukuthokoza ngokusinik­eza ukuhloniph­eka ngosuku lokuvaleli­sa endodaneni kaDkt Chonco. Unwele olude Sondiya. Ngiyathoko­za Andile Keswa Umkhulumel­i weqembu ESISONKE

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa