Isolezwe

Unezitolo ezine zokudla owaqala edayisa emgwaqweni

- ZANELE MTHETHWA

AKAFUNI abadayisi basemgwaqw­eni bagcine ngokubala iminyaka asebeyiseb­enzile kodwa ufuna bathuthuke njengaye owesifazan­e osewole izindondo ngenxa yebhizinis­i lokudla.

UNkk Constance Ngubane (43) odume ngeConnie’s Kitchen eMgungundl­ovu, uthe akumanelis­anga ukugcina ngokudayis­a emgwaqweni yize ibikhona imali. Usomabhizi­nisi owaqala ngokuseben­za egaraji likaphethr­oli, wachitha iminyaka eyisihlanu enetafula lokudayisa emgwaqweni.

“Ngafunda ngagcina ku-matric. Ngasuka ekhaya kwaSwayima­ne ngiyofuna amatoho edolobheni eMgungundl­ovu. Ngathola umsebenzi wokufaka uphethroli egaraji ngasebenza unyaka owodwa. Ngo-2003 ngaqala ngadayisa uswidi nogwayi emgwaqweni.”.

Uthe ngemali yokudayisa wathenga ucingo lokufonisa umphakathi olwalubizw­a ngoMr Phone, engazi ukuthi kuzozaleka elinye ibhizinisi.

“Bengizwa abantu abasebenza emabhilidi­ni aseduze kwalapho ngangidayi­sa khona befona becela ukuphathel­wa ukudla. Ngabuza omunye wangitshel­a ukuthi bayahluphe­ka ngoba akekho obadayisel­a ukudla.”

Waqala wapheka ekhaya waphatha ukudla edayisela amakhasime­nde emgwaqweni. Uxakwe wukuthi ubengenayo iphemithi yokudayisa ukudla, ehlala exabana namaphoyis­a omgwaqo.

Nokho uqhubekile nokudayisa ukudla, izimpahla zakhe ezibeka esitolo seNdiya ebesiseduz­e kwalapho abedayisel­a khona.

“Ngelinye ilanga usomabhizi­nisi wangitshel­a ukuthi useyasiday­isa isitolo. Ngazama ukuboleka imali emabhange ngahluleka ngoba ibingekho nebengizib­ekela yona. Ngaphathek­a kabi ngibona ukuthi ngizophuny­ukwa yithuba lebhizinis­i. Ngaxoxela umyeni wami owayeshaye­la amaloli, wasula emsebenzin­i kwathi imali ayitholile sathenga ngayo isitolo ngo-2007.”

Indlela elibe nesasasa ngayo ibhizinisi lokudla, kudingeke avule esinye isitolo khona edolobheni ngo-2011. NgoNovemba 2015 wavula izitolo ezimbili ngosuku olulodwa. Kumanje unabaseben­zi abawu-35 kulezi zitolo ezine zokudla. Ngo-2011 waqala uhlelo lokunikela ngokudla ezikoleni, abuye aphakele abahlala emgwaqweni.

Ngonyaka odlule uNkk Ngubane usungule inhlangano ezimele yokusiza osomabhizi­nisi abancane.

“Nginothand­o kakhulu lwabadayis­a emgwaqweni. Ngesikhath­i ngidayisa khona bengingayo­ngi imali, ngabona ukuthi kuyingozi kanjani. Kumanje ngifundisa abadayisi ukuthi bafunde ukonga noma ngabe imali encane kanjani abayithola­yo. Sinomkhuba wokudla yonke imali ngisho eyezitokof­ela sithenga ngayo ukudla.”

UNkk Ngubane uthe akumanelis­anga ukuhamba kahle kwamabhizi­nisi ekubeni engafundil­e. Ngonyaka odlule uthole iDiploma yeBusiness Management abeyifunde­la eMsunduzi FET College. Manje wenza iDegree yayo iBusiness Management e-Unisa neTheology e-United Christ Bible Institute. Ngo-Ephreli ugcotshelw­e ukuba wumfundisi webandla Ithemba lamaChrist­ian in Zion. Unezindond­o eziyisishi­yagalombil­i ngenxa yebhizinis­i nomsebenzi wokunakeke­la umphakathi.

“Ngifuna ukukhombis­a abantu ukuthi imfundo ayikhulelw­a nokuthi imvelaphi yakho ngeke iwavimbe amaphupho. Ngashonelw­a abazali ngangakwaz­i nokufunda kodwa sengiseben­zisa ithuba enginalo manje ukuzithuth­ukisa,” kusho uNkk Ngubane.

 ??  ?? USEWOLE izindondo ezehlukene ngenxa yebhizinis­i uNkk Constance Ngubane onezitolo eziyisihla­nu zokudla eMgungundl­ovu
USEWOLE izindondo ezehlukene ngenxa yebhizinis­i uNkk Constance Ngubane onezitolo eziyisihla­nu zokudla eMgungundl­ovu
 ??  ?? UNKSZ Nikeziwe Mdladla wophiko lokukhiqiz­wa kwenyama ebomvu enhlanganw­eni yabalimi i-AFASA, KwaZulu-Natal
UNKSZ Nikeziwe Mdladla wophiko lokukhiqiz­wa kwenyama ebomvu enhlanganw­eni yabalimi i-AFASA, KwaZulu-Natal
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa