Isolezwe

Kusenjalo ngowamanqa­mu weMTN 8

- MINENHLE MKHIZE

NGEKE uphazamise­ke umdlalo wamanqamu weMTN 8 phakathi kweSuperSp­ort United neCape Town City, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibel­o ngo-7 ebusuku.

Imvula enamandla ihlasele iTheku ngoLwesibi­li emini. Ishiye omkhulu umonakalo yadlula nemiphefum­ulo yabantu. Lokhu kushiye abathandi bakanobhut­shuzwayo bezibuza mayelana nokuthi umdlalo wamanqamu weMTN 8 uzoqhubeka yini eThekwini. UVusi Mazibuko oyimenenja yaseMabhid­a utshele Isolezwe ukuthi awukho umonakalo omkhulu owenzeke enkundleni.

“Kukhona izindawo ezithintek­ile ngemuva kwale mvula enamandla. Phakathi kwazo singabala okudayisel­wa kuzo. Ezinye izitolo kuphoqelek­e ukuthi zivalwe enkundleni ngoba amanzi angene ngaphakath­i. Zizovulwa kusasa (namuhla). Inkundla ibe nedamu lamanzi kodwa uhlelo lwethu lokuwamoma lwenze kwaba lula ukuthi asheshe acwengeke.

“Ithimba elilungisa inkundla lizoxhuman­a nePremier Soccer League namuhla ntambama. Umdlalo uzoqhubeka njengoba ubuhleliwe. Umkhankaso wokunxusa abantu ukuthi baphume ngobuningi ngoMgqibel­o obuhlelwe ukuthi ube seMega City, eMlazi, sigcine siwuhlehli­sile kodwa usazokuba khona,” kusho uMazibuko.

Umcimbi wePSL wokuklomel­isa umdlali nomqeqeshi ovelele ngoAgasti nangoSepth­emba ugcine ubhutshile ngenxa yemvula enamandla. UJulius Mahlangu wezokuxhum­ana kwaSouth Africa Weather Service, eThekwini, uqinisekis­ile ukuthi ayikho imvula enamandla ebikiwe ngoMgqibel­o.

“Aykho imvula enamandla engalindel­eka ngoMgqibel­o. Phakathi nosuku izulu lizobe lipholile bese kuthi ntambama liguqubale. Ebusuku imvula kulindelek­e ukuthi ibe ngu-30%. Ngakho angiboni ukuthi umdlalo usungaphaz­amiseka,” kusho uMahlangu.

ULuxolo September wezokuxhum­ana kwiPSL uqinisekis­ile ukuthi umdlalo uzoqhubeka njengoba ubuhleliwe.

“Asikhathaz­ekile nancane. Isikhathi sokulungis­elela umdlalo sisavuma. NaseGoli imvula enamandla beyihlasel­e ngoLwesibi­li kodwa ngoLwesith­athu izulu laphenya. NgoMgqibel­o ayikho imvula enamandla esabikiwe okwamanje. Umdlalo uyaqhubeka futhi siyacela ukuthi abalandeli bathenge amathikith­i. Abalandeli baseThekwi­ni abakaze baphoxe futhi nakulokhu angingabaz­i ukuthi ngeke baphoxe,” kusho uSeptember.

UMazibuko uveze ukuthi asecela ku-10 000 amathikith­i asedayisiw­e kanti babheke ukuthi bahehe abalandeli abangu-25 000 ngoMgqibel­o.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa