UMabokgwane akalijabuleli igoli likaMasuluke
UKHOMBISE izimpawu zokungalithakaseli isasasa elikhona ngegoli lika-Oscarine Masuluke, weBaroka FC, eliqokwe kwamathathu okuzokhethwa kuwona elivelele emhlabeni unozinti we-Orlando Pirates, uJackson Mabokgwane.
UMabokgwane, okunguyena ongenelwe yileli goli uMasuluke asethubeni lokuqopha ngalo umlando, uzwakalise ukungabi nawo umdlandla ngokuvotelwa kwegoli njengoba wonke umuntu waseNingizimu Afrika oxhumene nonobhutshuzwayo efisa kanjalo.
Kuzokuthi ngo-Okthoba 23, eLondon, e-England, kukhethwe umdlali ovelele emhlabeni okuyophelezelwa wukuqokwa kwegoli elivelele phakathi kwelakhe uMasuluke alishaye bebambana nePirates edlalela iBaroka FC, Oliver Giroud waseFrance alishaye edlalela i-Arsenal, bese kuba elomdlali wesifazane waseVenezuela uDyna Castellanos.
Yize kuqala ukuthi umdlali wase-Afrika abe kwabathathu bokugcina okuzoqokwa kubona kodwa inkulumo kaMabokgwane ayenze emsakazweni iPower FM ishiye abalaleli beshaqekile. Indaba iqale ngokuthi abuzwe ukuthi uzovota yini.
“Ngiwumdlali webhola ngakho-ke angihambi ngivota, okwami ukudlala ibhola kuphela. Ukuvotela izinto ezifana nalezi umsebenzi wabalandeli hhayi mina. Yibona okufanele balivotele igoli lakhe uma belithanda.
“Okungihlekisayo ngaleli goli nengikukhumbulayo futhi wukuthi bekuyimina oqokwe njengomdlali ovelele osukwini kodwa ngaphucwa ngemuva kwegoli. Bekuyikhona ngaliphumela ibhola lase liwela kuyena (uMasuluke) wase elishaya phakathi,” kusho uMabokgwane.
Ngokusho kwakhe uMabokgwane ulithintile kancane kodwa lamudla yize kunjalo. Ugcine ejikile wakusho ukuthi bengabadlali bamjabulele uMasuluke ngezinga asefinyelele kulona ngenxa yaleli goli.
“Ngemuva komdlalo ngaye kuye ngayomhalalisela. Ngamtshela ukuthi ushaye igoli elihle futhi ebelimqoka ngoba besihamba phambili sekusele imizuzu embalwa ukuthi umdlalo uphele. Igoli lakhe kalijwayelekile ngakho-ke simfisela konke okuhle. Akungethusi nokho ukuthi ligcine lingenile kwamathathu okuzokhethwa kuwona ngoba uma ubheka isikhathi elingene ngaso, ubumqoka balo nokuthi ungunozinti, konke kumbeka ebuhleni.”
Nakuba egcine esecula enye ingoma uMabokgwane kodwa indlela aqale ngayo ivele yawupholisa umkhankaso osabelele i-Afrika yonke othi akuvotelwe igoli likaMasuluke. Nokho abantu baphendulile ezinkundleni zokuxhumana bathi bazomvotela uMasuluke yize ekhulume kanje uMabokgwane.