Isolezwe

Uyibheke ngabomvu impi nowaseDRC

- ZAKHELE XABA

UMSHAYISIB­HAKELA wasoLundi, uXolani Mvubu, ubona ikhanya indlela ebheke ekuphathen­i isicoco ngaphansi komqeqeshi omusha uSechaba Mabuya osekhiqize ompetha abaziwayo esibhakele­ni saseNingiz­imu Afrika.

UMvubu ulwe okokuqala ngaphansi kukaMabuya empini aphonse kuyona ithawula ekade ebukeka ehamba phambili ngamaphuzu ebhekene noFrance Ramabolu. Kade bebanga ibhande leWorld Boxing Federation Internatio­nal Super-Middleweig­ht eDr Molemela Sports Complex, Bloemfonte­in, eFree State ngoLwesihl­anu olwedlule.

Lo mshayisibh­akela ubekade esemvuse phansi uRamabolu kodwa akangabe esasukuma ekhoneni lakhe ukuzoqala umzuliswan­o wesikhombi­sa. Uhlukane nomqeqeshi wakhe weminyaka uThemba Zulu ngenxa yempilo yakhe (uZulu) ebuthaka.

UMabuya ubekade epheka umpetha weSA JuniorMidd­leweight, uNkululeko “Bulldog” Mhlongo waseShowe.

“Sizwana kakhulu noSechaba. Ngiyazibon­a ngingumpet­ha ngaphansi kwakhe. Konke esikwenzay­o ejimini, sikwenza njengompet­ha. Akasebenzi nabantu abangazazi ukuthi baya kuphi,” kusho uMvubu.

“USechaba ungikhumbu­za uThulani Magudulela esengumqeq­eshi. Ukuba akayekanga ukulolonga ngabe kade ngaba umpetha. USechaba uyindoda ezinikele, ethanda ezemidlalo. Akahambisi phambili imali. Ngisuke kuZulu ngenxa yesimo sempilo yakhe. Isikhathi abekade esesichith­a ejimini besikade sesisincan­e ngenxa yokubanjwa wukugula.”

UMvubu (11-11-2), waqala isibhakela ngo-2007 kodwa ubeqala ngempelaso­nto edlule ukulwela ibhande. Kubashayis­ibhakela abanohlonz­e asebuya kubona kukhona uWelcome Ntshingila owayengump­etha weWBA Pan African Welterweig­ht , uBarend van Rooyen ohlulwe nguChristo­pher Buthelezi empini yebhande leSA Middleweig­ht nyakenye noLee Dyer ophethe ibhande leSA Super-Middleweig­ht. UMvubu uzobhekana no-Augustin Matata waseDemocr­atic Republic of Congo empini ezoba ngoOkthoba 28 eGauteng.

“UFrance ngimnike mina ibhande, naye uyazi. Empeleni ngimbambis­ile lona. Kufanele ngiwine ku-Augustin bese ngibuyela ngiyolwa naye. Yilena impi obekuvele kufanele ngiyilwe kodwa ngagcina ngithathe ekaFrance isikhathi sesisincan­e,” kusho uMvubu.

“Ngiyaxolis­a kubalandel­i bami ngendlela okwenzeka ngayo ngesonto eledlule. Bayangifon­ela manje angazi ngizochaza kanjani. Kunzima ukuchazela umuntu ngamunye ngokwenzek­a. Ngikhathal­ile ngoba bengivele ngingayilu­ngele impi ngokugcwel­e ekubeni ngibona yena ukuthi useza ngamandla.”

 ??  ?? XOLANI MVUBU
XOLANI MVUBU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa