UKhune ubonge ozakwabo
UNOZINTI weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, ufuna ukuhlomula kwakhe njengomdlali oshaye into ecokeme ngo-Agasti noSepthemba kumfake umfutho wokuhola leli qembu lithole izicoco.
UKhune uqokwe ngamajaji ngamagalelo akhe esiza iChiefs iqoqa amaphuzu emidlalweni eyisikhombisa ye-Absa Premiership. Nakuba Amakhosi engabalwa namaqembu aphambili ngasekuqoqeni amaphuzu kodwa amagalelo kaKhune eqoqa imiklomelo yomdlali ovelele kathathu kulandelana, abonakale kuyiwona agobe uphondo kulabo abebengamajaji.
Washaya into ecokeme beshaya iCape Town City, iMaritzburg United nangesikhathi bebambana neLamontville Golden Arrows. IChiefs ihleli endaweni yesithupha kwi-log, isaqoqe amaphuzu ayisishiyagalolunye.
Mhlawumbe uma uKhune eqhubeka nokuba nomthelela omuhle eqenjini, ukuzimisela kwakhe kungene nakozwabo, singafezeka isifiso sakhe sokunqoba izicoco ezibalulekile. Kule sizini iChiefs isinqobe izindebe zobungani iCarling Black Label Cup, Maize Cup neMacufe Cup abayinqobe ngempelasonto edlule ngesikhathi uKhune eseqenjini lesizwe alisize ladla iBurkina Faso emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
“Ngiyakhuthazeka ngokuqokwa. Kwenza noma ngabe yimuphi umdlali afune akusebenza ngokuzikhandla ngokuphindiwe. Nokho noma yikuphi okuzuzayo kusho ukuthi umthwalo uyanda. Ngikubheke ngabomvu ukuqhubeka nokusebenza kanzima ngiwinele iqembu ezinye izicoco,” kusho uKhune kwi-website yeChiefs.
Ubonge ozakwabo ngokunqoba wathi ngaphandle kwabo bekungeke kwenzeke.
UKhune ongukaputeni weChiefs usenqobe izicoco ezintathu zeligi, ezimbili zeNedbank Cup, ezine zeTelkom Knockout nezintathu zeMTN 8.
Nokho kumasizini amabili edlule kumnyama ngasezicocweni ngaphansi kobuholi bukaSteve Komphela.
Kule sizini Amakhosi, asephunyukwe yiMTN 8, ngaphezu kokunyusa amasokisi ekushubiseni umbango kwiligi asenalo ithuba kwiTelkom Knockout neNedbank Cup. Ukuqala ukulungisa izinto, ikakhulukazi ngemuva kokuya ekhefini behlulwe yiBaroka FC, kuzomele babuye nomphumela ogculisayo emdlalweni ozayo.
UKhune nozakwabo bazoya kwiMamelodi Sundowns eLoftus Versveld ngoLwesithathu.
Lo mdlalo uzolandelwa owabakhaya ngo-Okthoba 21.
Ngemuva kokunqoba iMacufe Cup ngo 4-2 beshaya iBloemfontein Celtic, uKomphela ubalise ngamagoli angene ngakubona.
Ephawula kwithelevishini ngemuva komdlalo uthe: “Ngicabanga ukuthi kumele sisebenze kakhulu ekugwemeni ukungenelwa amagoli ngendlela efanayo. Nangesikhathi sidlala ZIBEKE ethubeni lokuwina amathikithi okuyobuka iSuperSport United itholana phezulu neCape Town City emdlalweni wamanqamu weMTN 8 neBaroka angene ngendlela efanayo (amakhona nama-free kick).”
Ugcizelela elokuthi wethemba ukuthi ukunqoba kuzobuyisa ukuzethemba kubadlali. eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-7 ebusuku. Thumela igama elithi ISOMTN ku-33258 ngeSMS ebiza R1.50 kuphela.