Isolezwe

Izobe ithe chithi saka imidlalo emikhulu eKZN ngempelaso­nto

- MINENHLE MKHIZE

‘UMROZA UYALWA ATHI KUKHONA ABAMBIZAYO’

Mfanayedwa Shongwe: Akalulame, usemncane ukuthi angabhekan­a nale nto ezama ukumhlasel­a. Kubuhlungu okwenzeka emndenini kaMroza. Sengathi kungangene­lela uNkulunkul­u nedlozi lakhe.

Mxolisi Manyathi Enquthu Yodumo: Le nto kaMroza ikabili, kungenzeka ukuthi ungenwa yidlozi mhlawumbe lifuna ayothwasa. Phela uma ungenwa abadala uphanjanel­wa yikhanda uze uye la likubizela khona.

Mfoloz’emnyama Ikhethabaw­eli: Sengathi angalulama sisalindel­e lukhulu kuyena uza kahle kulo mculo kamaskandi. I-CHIEFS IGAQELE UMGADLI WASECAMERO­ON Thulani Turam Mvelase: Bagcina ngakho nje ukubagaqel­a kodwa uma IMIDLALO emikhulu izobe ithe chithi saka Kwa-Zulu-Natal kule mpelasonto yokuphela kwenyanga.

NgoLwesihl­anu ngo-8 ebusuku iMaritzbur­g United izoshukana nePlatinum Stars ku-Last 16 yeTelkom Knockout eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

NgoMgqibel­o kuzotholan­a phezulu iLamontvil­le Golden Arrows ne-Orlando Pirates kuma-quarter final eTelkom Knockout ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu. Umdlalo uzoqala ngo-3.30 ntambama.

Ngawo uMgqibelo ngo-3.30 ntambama iRoyal Eagles izoshukana neCape Town All Stars eHarry Gwala Stadium emdlalweni we-NFD.

Abathandi bezemidlal­o bazobhekis­a amabombo eKings Park Stadium ngo-4 ntambama ukuyothame­la umdlalo wamanqamu weCurrie Cup lapho iSharks izobe idudulana khona neWestern Province.

UParboo Sewpersad, okhulumela amaphoyisa omgwaqo, uthe bazoboshwa abantu abazofika nezinto ezingavume­lekile enkundleni.

“Abantu abapaka izimoto endaweni engafanele bazohlawul­iswa baphinde baqondiswe ubugwegwe ngokuthi izimoto zabo zithathwe. Abazobe bephuzile basenkinge­ni ngoba sekufanele bakhiphe imali bashaye amakhala. Ayikho le nto yabo.

Vella King Nhlenyama: Bazomthola afike bamhlole kodwa uzosizwa isimanga sebembuyis­ela emuva bethi akekho ezinhlelwe­ni zabo. Dani X Mthembu: Inkinga yabaphathi beChiefs wukuthi abafuni ukukhipha imali into abayaziyo abadlali bamahhala, ukushintsh­isana ngabadlali nabadlali abashibhil­e. SEKUBHEKWE ISINQUMO KWELAKWASH­EMBE Jabulani Nkosi: Abantu boNyazi badlala ngemali yamakholwa ngokuphons­ela isinqumo inselelo. Ngeke sishintshe. IsiZulu sithi ifa leziwula lidliwa yizihlakan­iphi.

Cebolenkos­i Zweh Sibiya: Iyangixaka le nto yabaseBuhl­eni, bathi abanandaba nezinkanto­lo ngoba bayamazi umholi bona kodwa futhi yibona abadlulisa isinqumo seNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni. sizobe sivale ezindaweni eziningi ezakhele iTheku. Kumqoka ukuthi abantu bapake ngasemasan­gweni abazongena kuwona ukugwema isiphithip­hithi. Abantu abaziphath­a budlabha ngeke siyingene indaba yabo. EBeachfron­t sizobe siqaphe ngelokhozi kulabo abacabanga ukuthi bazokwenza noma yikanjani ngemuva kwemidlalo. Asinanking­a ngokuthi abantu bayobhiyoz­a kodwa kumele baziphathe kahle. Isiphithit­hiphi ngeke senzeke ngoba asiqali ukusingath­a imidlalo emibili emikhulu ngosuku olulodwa.”

Izinkumbi zabathandi bezemidlal­o bazothuthe­leka eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngemuva komdlalo wamanqamu weCurrie Cup. Ngo-8.15 ebusuku, iKaizer Chiefs izoshukana naMaZulu eMabhida emdlalweni weLast 16 yeTelkom Knockout.

Impelasont­o yezemidlal­o eThekwini izophelela KwaMashu naseClermo­nt. UThongathi lubhuquzis­ana neTshakhum­a Tsha Madzivhand­ila emdlalweni weNFD ozoqala ngo3.30 ntambama ePrincess Magogo Stadium bese kuthi iReal Kings itholane phezulu noMthatha Bucks eSugar Ray Xulu Stadium ngesikhath­i esifanayo. usho uMshengu. “Abantu basezinkun­dleni zokuxhuman­a uma ungabalale­la, baningi abangongot­i kubo. “Kufana nakwipolit­iki, baningi ababa ngosopolit­iki. “Iqiniso lithi uma usumnikile ithuba umuntu, ngenye into-ke, uma usuthi hhayi awunikwe ithuba-ke manje wenze into okhuluma ngayo,” kusho uMshengu.

UMshengu uqhube wathi iSigiya Ngengoma ihamba kahle kodwa obekubalul­ekile kubo wukukhumbu­la ukuthi abasakazel­i idlanzana elithize kodwa basakazela iKwaZuluNa­tal yonke, i-Eastern Cape kanjalo neNingizim­u Afrika yonke.

Uthe futhi bekumqoka kubo ukuthi zonke izigodi lapho kuqhamuka khona umculo zimeleleke.

“Inselelo ekhona ingathi isikhathi sincane esinaso ngoba abaculi abakhona njengamanj­e cishe bangaphezu kuka-120 abadumile.

“Angikhulum­i ngamavukan­e. Uma kungathiwa kwenziwa amafestiva­li engenziwa cishe mhlawumbe isifundazw­e sonke abe mane ngosuku olulodwa futhi wonke abe nabaculi abadumile kungabi khona ozobonakal­a kule aphinde abonakale kule,” kubeka uMshengu.

Uthe isikhathi sokubeneli­sa bonke basibona sisincane.

“Khona bebaningi, bakhona nabanye abazogcwal­isa nje.

“Kufanele kukhulunyw­e iqiniso elibuhlung­wana lokuthi hamba uye esikoleni ufunde uhambe uyosebenza. Ukuyeke nje lento ngoba uzobambeze­la abantu okungabe banikezwa ithuba,” kusho uMshengu.

Ngaphandle kweSigiya Ngengoma, uMshengu uphinde ethule uhlelo iLusothand­weni ngo-2 kuya ku-5 entathakus­a ngeSonto aphinde abuye ebusuku ngosuku olufanayo ngo-11.30 kuya ku-2 nohlelo Uju Lomphefumu­lo.

Nowayengum­sakazi wohlelo lwasekusen­i phakathi nesonto wake waba nenkinga kukhona abangamfun­i.

Lowo msakazi waze washiya kulo nyaka.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa