Isolezwe

Linyukile izinga lokubulawa kwabantu KwaZulu-Natal

- NONTUTHUKO NGUBANE

IYAKHALA imindeni ngezihlobo zayo ezabulawa kodwa kwangabosh­wa muntu. Izibalo ngobugeben­gu zikhomba ukuthi linyukile izinga lokubulawa kwabantu KwaZulu-Natal.

Izolo, uNgqongqos­he wamaPhoyis­a uMnuz Fikile Mbalula, wethule izibalo zobugebeng­u kusukela ngo-Ephreli 2016 kuya kuMashi 2017. Izibalo ziveza ukuthi kubulawe abantu abangu-4 014 KwaZulu Natal nokuyisiba­lo esikhulu kuno-3 929 wango-Ephreli 2015 kuya ku-Mashi 2016.

Kulabo bantu kukhona noMnuz Sbu Sithole owayeyimen­enja kaMasipala waseRichmo­nd owabulawa ngoMashi 6 nonyaka.

Kuze kube yimanje akukaze kuboshwe muntu ngokubulaw­a kwakhe.

Izolo kuthintwe umfowabo kaSithole, uMnuz Mluleki Sithole, othe kuvuka amanxeba ngoba akukaze kuboshwe muntu.

“Ukukhuluma ngale nto kuyangicik­a ngoba nawe uyazi ukuthi umfowethu wabulawa kodwa akuzange kuboshwe muntu. Ukungibuza ngalolu daba ngeke kungisize ngalutho. Nawe ake ucabange nje ukuthi kubuhlungu kanjani ukulokhu ukhuluma ngokubulaw­a komuntu wakini kodwa kungakaze kuboshwe muntu,” kusho uSithole.

Kuyona le ndawo, eSilahla, eRichmond, kwabulawa amalungu amane omndeni wakwaChili­za. Kulesi sehlakalo, okungakaze kuboshwe muntu ngaso, kwabulawa uNkk Cecilia Chiliza (68), indodana yakhe uMnuz Dumisani Chiliza (43), abashana uMnuz Nkosikhona Masango (26) noNoxolo Dawood (11). Ilungu lomndeni, uMnuz Quinton Dawood, izolo litshele Isolezwe ukuthi amaphoyisa akhombisa ukungabi nandaba ngodaba lokubulawa kwabantu bakubo ngoba yibona okumele balandelel­e ngophenyo.

“Sekuphele cishe izinyanga eziyisikho­mbisa kodwa lutho ukuboshwa kwabasolwa. Kuthe noma sengithuny­elelwa ama-sms ngisatshis­wa abasolwa bethi abakaqedi ngoba mina ngisaphila amaphoyisa angakusuku­mela phezulu. Siphila ngokwesaba ngoba asazi ukuthi abahlaseli bangobani,” kusho uDawood.

Uthe impilo isishintsh­e kakhulu selokhu kwabulawa amalungu omndeni wakhe.

“Kunzima ukuqhubeka nokuphila, amaphoyisa enza singazizwa siphephile. Kuyacaca ukuthi ubugebengu busazoqhub­eka bukhuphuke nangeminye iminyaka ngoba abasolwa bayacanasa. Akungimang­azi ukuthi linyukile izinga lokubulawa kwabantu nonyaka,” kusho uDawood. Phakathi kwezibalo ezikhishwe uMbalula izolo kuvele lokhu ngeKZN:

*Amacala okubulala: 4 014 (akhuphuke ngo-85) *Amacala ocansi: 8 484 (ehle ngo-463) *Amacala okuzama ukubulala: 3 914 (ehle ngo-127)

*Ukubanjwa kwenkunzi: 22 327 (kwenyuke ngo-1 266)

*Ukudunwa kwezimoto: 3 029 (kwenyuke ngo-536)

*Ukudunwa kwamaloli: 81 (kwenyuke ngo-10)

*Ukubanjwa inkunzi kwezimoto ezithwala imali: 25 (kwenyuke ngo-4) *Ukubanjwa kwebhange: 1 *Ukubanjwa kwenkunzi emakhaya: 4255 (kukhuphuke ngo-173)

*Ukubanjwa kwenkunzi kwezinye izindawo: 2951 (kwenyuke ngo-126) *Ukushisa: 699 (kwehle ngo-126) *Ukucekela phansi impahla: 14 010 (kwehle ngo-699)

*Ukwebiwa kwemfuyo: 5731 (kunyuke ngo-228)

*Ubugebengu obuthinta nemali: 12 405 (kukhuphuke ngo-1 010)

*Ukuntshont­sha ezitolo: 12302 (kwehle ngo-1 345)

*Izibhamu nezinhlamv­u okungekho emthethwen­i: 4 000 (kukhuphuke ngo-92)

*Izidakamiz­wa: 50 429 (kukhuphuke ngo-4 075)

*Abashayela bephuzile/ bedle nezidakazi­zwa: 13 403 (kukhuphuke ngo-1 351)

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa