Linyukile izinga lokubulawa kwabantu KwaZulu-Natal
IYAKHALA imindeni ngezihlobo zayo ezabulawa kodwa kwangaboshwa muntu. Izibalo ngobugebengu zikhomba ukuthi linyukile izinga lokubulawa kwabantu KwaZulu-Natal.
Izolo, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Fikile Mbalula, wethule izibalo zobugebengu kusukela ngo-Ephreli 2016 kuya kuMashi 2017. Izibalo ziveza ukuthi kubulawe abantu abangu-4 014 KwaZulu Natal nokuyisibalo esikhulu kuno-3 929 wango-Ephreli 2015 kuya ku-Mashi 2016.
Kulabo bantu kukhona noMnuz Sbu Sithole owayeyimenenja kaMasipala waseRichmond owabulawa ngoMashi 6 nonyaka.
Kuze kube yimanje akukaze kuboshwe muntu ngokubulawa kwakhe.
Izolo kuthintwe umfowabo kaSithole, uMnuz Mluleki Sithole, othe kuvuka amanxeba ngoba akukaze kuboshwe muntu.
“Ukukhuluma ngale nto kuyangicika ngoba nawe uyazi ukuthi umfowethu wabulawa kodwa akuzange kuboshwe muntu. Ukungibuza ngalolu daba ngeke kungisize ngalutho. Nawe ake ucabange nje ukuthi kubuhlungu kanjani ukulokhu ukhuluma ngokubulawa komuntu wakini kodwa kungakaze kuboshwe muntu,” kusho uSithole.
Kuyona le ndawo, eSilahla, eRichmond, kwabulawa amalungu amane omndeni wakwaChiliza. Kulesi sehlakalo, okungakaze kuboshwe muntu ngaso, kwabulawa uNkk Cecilia Chiliza (68), indodana yakhe uMnuz Dumisani Chiliza (43), abashana uMnuz Nkosikhona Masango (26) noNoxolo Dawood (11). Ilungu lomndeni, uMnuz Quinton Dawood, izolo litshele Isolezwe ukuthi amaphoyisa akhombisa ukungabi nandaba ngodaba lokubulawa kwabantu bakubo ngoba yibona okumele balandelele ngophenyo.
“Sekuphele cishe izinyanga eziyisikhombisa kodwa lutho ukuboshwa kwabasolwa. Kuthe noma sengithunyelelwa ama-sms ngisatshiswa abasolwa bethi abakaqedi ngoba mina ngisaphila amaphoyisa angakusukumela phezulu. Siphila ngokwesaba ngoba asazi ukuthi abahlaseli bangobani,” kusho uDawood.
Uthe impilo isishintshe kakhulu selokhu kwabulawa amalungu omndeni wakhe.
“Kunzima ukuqhubeka nokuphila, amaphoyisa enza singazizwa siphephile. Kuyacaca ukuthi ubugebengu busazoqhubeka bukhuphuke nangeminye iminyaka ngoba abasolwa bayacanasa. Akungimangazi ukuthi linyukile izinga lokubulawa kwabantu nonyaka,” kusho uDawood. Phakathi kwezibalo ezikhishwe uMbalula izolo kuvele lokhu ngeKZN:
*Amacala okubulala: 4 014 (akhuphuke ngo-85) *Amacala ocansi: 8 484 (ehle ngo-463) *Amacala okuzama ukubulala: 3 914 (ehle ngo-127)
*Ukubanjwa kwenkunzi: 22 327 (kwenyuke ngo-1 266)
*Ukudunwa kwezimoto: 3 029 (kwenyuke ngo-536)
*Ukudunwa kwamaloli: 81 (kwenyuke ngo-10)
*Ukubanjwa inkunzi kwezimoto ezithwala imali: 25 (kwenyuke ngo-4) *Ukubanjwa kwebhange: 1 *Ukubanjwa kwenkunzi emakhaya: 4255 (kukhuphuke ngo-173)
*Ukubanjwa kwenkunzi kwezinye izindawo: 2951 (kwenyuke ngo-126) *Ukushisa: 699 (kwehle ngo-126) *Ukucekela phansi impahla: 14 010 (kwehle ngo-699)
*Ukwebiwa kwemfuyo: 5731 (kunyuke ngo-228)
*Ubugebengu obuthinta nemali: 12 405 (kukhuphuke ngo-1 010)
*Ukuntshontsha ezitolo: 12302 (kwehle ngo-1 345)
*Izibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni: 4 000 (kukhuphuke ngo-92)
*Izidakamizwa: 50 429 (kukhuphuke ngo-4 075)
*Abashayela bephuzile/ bedle nezidakazizwa: 13 403 (kukhuphuke ngo-1 351)