Enyukile amacala okubulala
YIZE lehlile izinga lobugebengu eNingizimu Afrika kodwa enyukile amacala okubulawa kwabantu kuleli. Ekhipha izibalo zobugebengu kusukela ngo-Ephreli 2016 kuya kuMashi 2017 izolo, uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnuz Fikile Mbalula uveze ukuthi ubugebengu bamacala abucayi kuleli behle ngo 1.8% kodwa amacala okubulala wona alokhu enyuka kusukela eminyakeni emithathu edlule.
Wonke amacala obugebengu ahlobene nodlame kubalwa ukubulala, ukuzama ukubulala nokubanjwa kwenkunzi kuhlonyiwe ayanyuka kusukela eminyakeni emithathu edlule.
Uveze ukuthi iGauteng iyona ehamba phambili ngobugebengu ilandelwe iKwaZulu-Natal.
UMbalula uxwayise izigebengu ngokuthi zizobhekana nolaka lwamaphoyisa uma ziqhubeka nokugila imikhuba.
Uthe uma bebheka ubugebengu behlile kodwa banenkinga nobugebengu obuhambisana nodlame obunyukayo.
UMbalula uthe akakuzwa ngisho emahlombe akhe ukuthi ubugebengu behlile.
Uthe abantu baseNingizimu Afrika kumele bazibuze ukuthi bayavuma yini ukuhlala nezigebengu.
Inhlangano ecwaningo amacala obugebengu kuleli,i- Institute for Security Studies (ISS) igxeke uMengameli Jacob Zuma yathi unesandla ekunyukeni kobugebengu kuleli ngokuhluleka ukuqasha uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke onamava.
“Ukugxambukela kwezombusazwe kuzona zonke izigaba emaphoyiseni nakho kunomthelela ebugebengwini,” kusho uMnuz Mike Greenshields we-ISS.
UGreenshields uthe ukuvikelwa kobeyiNhloko yophiko lwezobuNhloli uLt General Richard Mdluli omiswe iminyaka eyisithupha emsebenzini kuluphazamisile uphiko lwamaphoysa olulwa nobugebengu obuhleliwe.
Ugxeke namaphoyisa angawenzi umsebenzi wathi bazowakhuculula embuthweni. Uthe nokushintshwa njalo koKhomishana bamaPhoyisa kuphazamisa nomsebenzi wamaphoyisa. Inyunyana yamaphoyisa nojele iPolice and Prisons Civil Rights Union (Popcru) ithe yize ubugebengu behlile kodwa mncane umehluko okhona.
Okhulumela iPopcru kuzwelonke uMnuz Richard Mmamabolo uthe umbutho wamaphoyisa ubuyekeze zonke izinhlaka zamaphoyisa. Uthe kumele kuqiniswe nezinhlaka zomphakathi ezilwa nobugebengu.
Zimi kanje izibalo zobugebengu ezweni:-Amacala okubulala kulo nyaka awu-19 016, uma eqhathaniswa no-18 673 wangonyaka odlule
-Awokuzama ukubulala angu-18 205, nyakenye abewu- 18 127
-Awokubanjwa kwenkunzi kuhlonyiwe awu-140956, nyakenye abengu- 132527
-Ukugqekezwa kwezinye izindawo - 75 618, nyakenye 75 008
-Ukugqekezwa emakhaya246 654, nyakenye 250 606
-Ukwebiwa kwemfuyo- 26 902 ngokudlule kwaba u-24 715
-Amacala ezidakamizwa- 292 689 ngokudlule kwaba u-259 165.
- Amacala ezibhamu nezinhlamvu- 16134 ngokudlule kwaba u-1 4772