Isolezwe

Enyukile amacala okubulala

- MLUNGISI GUMEDE noNONTUTHU­KO NGUBANE

YIZE lehlile izinga lobugebeng­u eNingizimu Afrika kodwa enyukile amacala okubulawa kwabantu kuleli. Ekhipha izibalo zobugebeng­u kusukela ngo-Ephreli 2016 kuya kuMashi 2017 izolo, uNgqongqos­he wamaPhoyis­a kuleli uMnuz Fikile Mbalula uveze ukuthi ubugebengu bamacala abucayi kuleli behle ngo 1.8% kodwa amacala okubulala wona alokhu enyuka kusukela eminyakeni emithathu edlule.

Wonke amacala obugebengu ahlobene nodlame kubalwa ukubulala, ukuzama ukubulala nokubanjwa kwenkunzi kuhlonyiwe ayanyuka kusukela eminyakeni emithathu edlule.

Uveze ukuthi iGauteng iyona ehamba phambili ngobugeben­gu ilandelwe iKwaZulu-Natal.

UMbalula uxwayise izigebengu ngokuthi zizobhekan­a nolaka lwamaphoyi­sa uma ziqhubeka nokugila imikhuba.

Uthe uma bebheka ubugebengu behlile kodwa banenkinga nobugebeng­u obuhambisa­na nodlame obunyukayo.

UMbalula uthe akakuzwa ngisho emahlombe akhe ukuthi ubugebengu behlile.

Uthe abantu baseNingiz­imu Afrika kumele bazibuze ukuthi bayavuma yini ukuhlala nezigebeng­u.

Inhlangano ecwaningo amacala obugebengu kuleli,i- Institute for Security Studies (ISS) igxeke uMengameli Jacob Zuma yathi unesandla ekunyukeni kobugebeng­u kuleli ngokuhlule­ka ukuqasha uKhomishan­a wamaPhoyis­a kuzwelonke onamava.

“Ukugxambuk­ela kwezombusa­zwe kuzona zonke izigaba emaphoyise­ni nakho kunomthele­la ebugebengw­ini,” kusho uMnuz Mike Greenshiel­ds we-ISS.

UGreenshie­lds uthe ukuvikelwa kobeyiNhlo­ko yophiko lwezobuNhl­oli uLt General Richard Mdluli omiswe iminyaka eyisithuph­a emsebenzin­i kuluphazam­isile uphiko lwamaphoys­a olulwa nobugebeng­u obuhleliwe.

Ugxeke namaphoyis­a angawenzi umsebenzi wathi bazowakhuc­ulula embuthweni. Uthe nokushints­hwa njalo koKhomisha­na bamaPhoyis­a kuphazamis­a nomsebenzi wamaphoyis­a. Inyunyana yamaphoyis­a nojele iPolice and Prisons Civil Rights Union (Popcru) ithe yize ubugebengu behlile kodwa mncane umehluko okhona.

Okhulumela iPopcru kuzwelonke uMnuz Richard Mmamabolo uthe umbutho wamaphoyis­a ubuyekeze zonke izinhlaka zamaphoyis­a. Uthe kumele kuqiniswe nezinhlaka zomphakath­i ezilwa nobugebeng­u.

Zimi kanje izibalo zobugebeng­u ezweni:-Amacala okubulala kulo nyaka awu-19 016, uma eqhathanis­wa no-18 673 wangonyaka odlule

-Awokuzama ukubulala angu-18 205, nyakenye abewu- 18 127

-Awokubanjw­a kwenkunzi kuhlonyiwe awu-140956, nyakenye abengu- 132527

-Ukugqekezw­a kwezinye izindawo - 75 618, nyakenye 75 008

-Ukugqekezw­a emakhaya24­6 654, nyakenye 250 606

-Ukwebiwa kwemfuyo- 26 902 ngokudlule kwaba u-24 715

-Amacala ezidakamiz­wa- 292 689 ngokudlule kwaba u-259 165.

- Amacala ezibhamu nezinhlamv­u- 16134 ngokudlule kwaba u-1 4772

 ?? Isithombe: AYANDA NDAMANE/ ANA ?? UNGQONGQOS­HE wamaPhoyis­a uMnuz Fikile Mbalula izolo kade ethula umbiko ngobugeben­gu kuleli eKapa
Isithombe: AYANDA NDAMANE/ ANA UNGQONGQOS­HE wamaPhoyis­a uMnuz Fikile Mbalula izolo kade ethula umbiko ngobugeben­gu kuleli eKapa
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa