Isolezwe

AbeMisebe sebevivela ukuya eBuhleni

- NONTUTHUKO NGUBANE

ABASETHEMB­EZINHLE sebebheke ukuba bakwazi ukubuyela eBuhleni uma iNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu iphinde ibavuna kwelombang­o wobuholi webandla lakwaShemb­e.

Lokhu kushiwo okhulumela uhlangothi lwaseThemb­ezinhle uMnuz Nkululeko Mthethwa izolo engxoxweni ekhethelek­i neSolezwe.

NgoMsombul­uke enkantolo yaseMgungu­ndlovu bekulalelw­a izethulo zokudlulis­wa kwecala, njengoba ngonyaka odlule iNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni yavuna uMnuz Vela “Misebeyela­nga” Shembe njengomhol­i.

Lo mbango wobuholi uphakathi kukaMnuz Mduduzi “Nyazilwezu­lu” Shembe naye uVela.

Kumanje iNkantolo yaseMgungu­ndovu isigodlile isinqumo.

UMthethwa uthe njengamanj­e ibandla lizolinda abameli ukuba balazise ngelanga okuzokhish­wa ngalo isinqumo.

“Amajaji azobiza abameli bethu abazise uma esekulunge­le ukukhipha isinqumo. Siyobe sesazisa ibandla bese sibuyela enkantolo. Siyethemba ukuthi inkantolo izophinde ivune thina kulolu daba. Uma siphumelel­a sobe sesithatha indlela yomthetho yokuba sibuyele eBuhleni bese siqoqa yonke into yebandla,” kusho uMthethwa.

UMnuz Thokozani Mncwabe okhulumela uhlangothi lwaseBuhle­ni uthe nabo babheke ukuba kubahambel­e kahle.

“Akekho umshayi sibhakela oke angene eringini ezitshela ukuthi uzohlulwa, nathi sibheke ukuba siphumelel­e kulolu daba. Konke sikubeka kuNkulunku­lu nasoNyazin­i njengamanj­e,” kusho uMncwabe.

Ebuzwa ukuthi uma bephinde bekhala ngaphansi ngabe banazo yini izifiso zokudlulis­ela icala eNkantolo yaseBloemf­ontein uthe: “Okwamanje ngeke sikukhulum­e lokho, sizobheka isinqumo bese

sizwa uNyazi ukuthi lufuna senze njani,” kusho uMncwabe.

Ngokusho kukaMtheth­wa, igama iThembezin­hle ngeke liphele uma bebuyela eBuhleni ngoba vele kwakuyigam­a lethempeli lakhona eBuhleni. Liyoqhubek­a lisebenze njengegama lethempeli. Umbango wobuholi ubusenkant­olo kusukela kukhothame umholi uThingo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa