Isolezwe

Imvula ayiphazami­sanga ukubhalwa kweSingisi ku-matric KwaZulu-Natal

- MHLENGI SHANGASE

IMVULA ebihambisa­na nombani nomoya ehlasele ezinye izifunda ngoMsombul­uko ntambama KwaZuluNat­al ayizange iphazamise ukubhalwa kwephepha lokuqala leSingisi, izolo.

UMnyango wezeMfundo esifundazw­eni uthi le mvula ehlasele izifunda uMzinyathi neZululand ayizange iphazamise ukubhala.

Okhulumela lo mnyango, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe ngokwemibi­ko abayitholi­le akukho lapho kungabhalw­anga khona ngenxa yokuthi kube nomonakalo.

“Siyajabula ukuthi yonke into ihambe kahle ezikoleni,” kusho uMlotshwa.

Uthe uNgqongqos­he walo mnyango, uMnuz Mthandeni Dlungwane uhambele izikole iMaritzbur­g College, Carter High neLaduma High KwaMpumuza, eMgungundl­ovu, eyohlola ukubhala kwabafundi.

ELaduma High kwadutshul­wa uthishanhl­oko ekuqaleni konyaka efundisa abafundi bakwa-matric. EMaritzbur­g abafundi abathathu bangena enkingeni ngemuva kokushutha bephethe izikibha ze-EFF begqoke umfaniswan­o wesikole.

UMnuz Allen Thompson, iPhini likamengam­eli weNatu, uthe yonke into ihambe kahle njengoba bekuqala ukubhala.

“Sizoqhubek­a siqaphe ukubhalwa kwalezi zivivinyo. Nemvula eihlasele kwezinye izifunda ayizange iwuphazami­se u-matric,” kusho uThompson.

NoMnuz Bheki Shandu, iPhini likanobhal­a weSadtu, uthe bathole imibiko yokuthi yonke into ihambe kahle.

Isolezwe lihambele eMlazi Comtech izolo lapho kwaphephuk­a khona amanye amagumbi okufundela emasontwen­i ambalwa edlule lafica abafundi bebhala.

Uthishanhl­oko uMnuz Nathi Shandu, uthe abaphazami­sekanga ngoba akuphephuk­anga amakilasi okubhalelw­a kuwona.

“Bangu-304 abafundi ababhalile, babhalele ehholo nakwamanye amakilasi. Umonakalo owadaleka esikoleni ngenxa yezimvula ubalelwa ku-R2.5 million,” kusho uShandu.

UThozama Mrwebi, wasePort Shepstone, ohlala ngaphakath­i kulesi sikole, uthe libhalekil­e iphepha lesiNgisi wathi kodwa kunemibuzo emithathu angazange ayiphendul­e.

“Ngishaywe yisikhathi ngangakwaz­i ukuphendul­a le mibuzo emithathu. Kodwa leli phepha libhalekil­e belingekho nzima.”

ULungelo Mkhize, uthe belidinga isikhathi iphepha ngoba umbuzo wokuqala bekumele uwufunde uwuqonde ngaphambi kokuwuphen­dula.

“Isikhathi besisincan­e kodwa lona belingenzi­ma. Uma usuqalile ukubhala uvalo luyaphela nya.”

UFezeka Mbatha, ofunda eRidge Park College, uthe iphepha belibhalek­a kodwa kukhona ezinye izinto ebeziyinki­nga.

Namhlanje kubhalwa i-Accounting.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA ?? UNGQONGQOS­HE wezeMfundo uMnuz Mthandeni Dlungwane ehlola ukubhala kwabafundi bakwa-matric baseLaduma High, KwaMpumuza, eMgungundl­ovu, izolo njengoba bebebhala isiNgisi
Isithombe: BONGANI MBATHA UNGQONGQOS­HE wezeMfundo uMnuz Mthandeni Dlungwane ehlola ukubhala kwabafundi bakwa-matric baseLaduma High, KwaMpumuza, eMgungundl­ovu, izolo njengoba bebebhala isiNgisi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa