Isolezwe

‘Bekungafan­ele zidedelwe izingane izulu lisaduma’

- ZANELE MTHETHWA

ILUNGU lomndeni womunye wabafundi ababili baseMsinga abashaywe wumphezulu bafa ngoMsombul­uko uthi ukuba isikole asibakhiph­anga izulu lisaduma ngabe basaphila.

UMnuz Kwenzakwak­he Shabalala waseMsinga, uyise omncane kaNomcebo (8), uthe beliduma ngokwedlul­ele ngesikhath­i izingane ziphuma esikoleni.

UNomcebo, obefunda uGrade 3 eMandlethu Primary, ubehamba no-Amahle Sithole, obefunda uGrade 6, esikoleni esifanayo, abafe naye. Bangomakhe­lwane abahamba ndawonye uma kuphuma isikole.

UShabalala uthe izulu liqale ukuhloma ngezithuba zabo-1 emini izingane zisesikole­ni.

“Ezinye izikole zamabanga aphezulu zidedeliwe ngoba kubonakala ukuthi izulu libi. Bekuyizith­uba zabo 3 ngesikhath­i kulimala izingane. Kuthiwa ezinye izingane abebehamba nazo zingene komunye umuzi, oNomcebo bagijima bejahe ukuthi bafike umfula ungakagcwa­li ngoba belina kakhulu,” kusho uShabalala. Uthe indlela ebeliduma ngayo akekho okwaze ukusiza izingane zisanda kushaywa izulu.

Uthe bonke abantu bebesezind­lini, izingane zabonakala seliphenyi­le izulu.

“Kubizwe i-ambulensi kodwa yafika izingane sezivele zishonile. Siphatheke kabi njengomnde­ni, ikakhuluka­zi ngoba okwenzekil­e kwehlele omakhelwan­e. Ngicabanga ukuthi izingane bezizosind­a ukube zisheshe zadedelwa noma zisale sezihlalis­wa esikoleni kuze kudlule izulu,” kusho uShabalala.

Ngesikhath­i kunenkonzo yokukhumbu­la abashone nezikhukhu­la eThekwini muva nje, uNqongqosh­e obambile eMnyangwen­i wezokuBusa nokuBambis­ana noBuholi boMdabu, uNkk Weziwe Thusi, wayihlaba eyokudedel­wa kwezingane izulu lina. Wanxusa othisha ukuthi bahlale nazo izingane kuze kudlule izulu ngoba ukuzidedel­a kuzibeka engcupheni.

Okhulumela umnyango, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe bebevele benezinhle­lo nemikhanka­so yokuqwashi­sa ngokuduma kwezulu okuba mandla esifundazw­eni uma kuyihlobo.

“Ungqongqos­he usekhiphe ithimba elizosiza imindeni eshonelwe. Umnyango uzohambela nezikole ukuqwashis­a ngokuduma kwezulu. Amathimba ethu ami ngomumo ukulekelel­a uma kwenzeka kuvela inhlekelel­e. Sifuna kuchitshiy­elwe imithetho komasipala ukuze kube wumthetho ukuthi zonke izakhiwo zikahulume­ni zibe nezinduku ezivimbela umphezulu,” kusho uMayisela.

UNgqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Mthandeni Dlungwane, uthe uyazwelana nemindeni yabafundi abafile.

Isifundazw­e sisanda kuqokwa njengendaw­o yenhlekele­le emuva kokushona kwabantu abawu-16 ngemuva kokuhlasel­a kwezikhukh­ula.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa