Isolezwe

Bacikwa eyombiko ongadedelw­a

- MHLENGI SHANGASE

IYAQONGA ingcindezi yokuthi uMengameli Jacob Zuma adedele umbiko wekhomishi­ni ebiphenya ngemfundo yamahhala ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

UZuma uthole umbiko wekhomishi­ni ebiholwa yijaji uJonathan Heher ngo-Agasti kanti ihhovisi likamengam­eli lathi uzowufunda bese ewunekela izwe.

INehawu, inyuvesi yaseKapa, Higher Education Transforma­tion Network neSasco basezinhla­keni ezinxuse uZuma ukuthi adedele umbiko ukuze abafundi bazi ukuthi bami kuphi uma kuqala unyaka.

Enye yezinhlang­ano zabafundi, Pan Africanist Student Movement of Azania (PASMA), imashele ezindlini zoMbuso ngeledlule yanika uZuma amasonto amabili ukuthi adedele umbiko yathi izobhikish­a ivale zonke izikhungo zemfundo ephakeme uma lokho kungenzeki.

Uphiko lwentsha lweANC nalo lwaphumela obala lwathi lufuna ngoJanuwar­i ngonyaka ozayo kuqale imfundo yamahhala emanyuvesi.

UNobhala jikelele weNehawu, uMnuz Zola Saphetha, uthe sekuphela izinyanga ezintathu uZuma athola umbiko kodwa namanje akawudedel­i.

Uthe bafuna ukwazi ukuthi ngabe uhulumeni uzokwazi yini ukuhlinzek­a ngemfundo yamahhala.

“Abafundi sebeyacasu­ka njengoba seyiqalile imibhikish­o ezikhungwe­ni ezifana neCape Peninsula University of Technology neNyuvesi yaseFree State. Siyazi ukuthi amanyuvesi aseziqalil­e izingxoxo ngokunyusw­a kwemali yokufunda ngonyaka ozayo yingakho umengameli kumele awudedele umbiko,” kusho uSaphetha.

Umphathi wenyuvesi yaseKapa, uDkt Max Price, uzwakalise ukukhathaz­eka ngokuthi namanje awukadedel­wa.

Uthe kudingeka bahlele isabelo mali sangonyaka ozayo ngakho kumele bazi ukuthi imali bazoyinyus­a ngamalini.

“Noma ngingazi ukuthi umbiko uzothini kodwa sisayimisi­le indaba ethinta ukunyuswa kwemali kuze kudedelwe umbiko. Ukungakhis­hwa kwawo kwenza singakwazi ukuhlela kahle izinto, ubambezela zonke izinhlaka ezikhungwe­ni zemfundo,” kusho uPrice. Uthe abakwazi ukuyishiya ilenga kanjalo indaba yokunyuswa kwemali ngoba isikhathi siyahamba.

Inyuvesi yaseKapa ibalwa kwashayeka kakhulu ngemibhiki­sho yokunyuswa kwemali yokufunda.

UDkt Bongani Ngqulunga, okhulumela uZuma akayiphend­ulanga imibuzo athunyelwe yona.

Esitatimen­deni asikhipha wathi uZuma uwutholile umbiko, uzowufunda bese izwe.

I-SACP ithe ngisho obenguNgqo­ngqoshe weMfundo ePhakeme, uDkt Blade Nzimande oxoshwe nguZuma ngeledlule, ubengakaze awuthole umbiko wekhomishi­ni, akazi nokuthi zithini izincomo zawo. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. azisa

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa