Isolezwe

Imindeni yabafa besuswe Esidimeni yahlukumez­eka

- INTATHELI YESOLEZWE

UKUFA kwabantu abawu-141 abebegula ngengqondo abasuswa eLife Esidimeni, eGoli, kwashiya imindeni yabo ihlukumeze­ke ngokomqond­o. Lokhu kuvele izolo njengoba kuqhubeka ukulalelwa kobufakazi bamalungu emindeni nobabathin­tekayo. Imindeni yabashona iveze ukuthi yasala nokhwantal­ala kusukela kuqala ukuzwakala ngendlela okuphathek­e ngayo amalungu ayo esuswa eLife Esidemeni.

UMnuz Lesiba Legwabe, obegcwele umunyu, uveze ubufakazi bokuthi washona kanjani umfowabo uMothofela. Uthe umfowabo owayenesif­o sokuwa, washonela esikhungwe­ni esizimele eCullinan emuva kokususwa Esidimeni. Utshele ikomiti elilalele ubufakazi ukuthi ushonelwe nawumkakhe owagula selokhu ezwe indlela okwashona ngayo umfowabo.

“Ukufa komfowethu kwenza umkami ashone. Wayegqigqa yonke indawo ezama ukuthola umfowethu, uhulumeni emshonisa ngapha nangapha,” kusho uLegwabe.

Uthe umkakhe wabulawa ukhwantala­la wangcwatsh­wa ngoDisemba nyakenye, emuva kokungcwab­a umfowabo ngo-Agasti.

U-Advocate Tebogo Hutamo omele uhulumeni, uxolisile emindenini kodwa engalwamuk­eli uxolo. ULegwabe utshele u-Advocate Hutamo ukuthi ukuxolisa kwakhe ngeke kumbuyise umkakhe nomfowabo. Uthe umfowabo wayesehlal­e iminyaka ewu-33 Esidimeni.

NgoMsombul­uko uNkk Christine Nxumalo owashonelw­a wudadewabo ePrecious Angels ePretoria, uthe kushone indodakazi yakhe (umufi). UShanice (21), kuthiwa ushone emuva kokuzwa ubufakazi kule nkundla. UNkk Nxumalo uthe uShanice, ongcwatshw­e ngempelaso­nto edlule, wayemcele ukuthi amphelezel­e ukuzolalel­a ubufakazi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa